UKHATHAZEKILE umndeni wentombazanyana eneminyaka engu-10 KwaManz’amnyama, eMthunzini, esekuyophela amasonto amabili idukile kade iye ephathini yakwamakhelwane.
USinikile Mncwango, ofunda uGrade 5 ePhembokuhle Primary, uduke ngoJuni 2 nonyaka kade egcinwe ekwamakhelwane kunephathi yezingane.
Ugogo wakhe uNkk Sabathile Mncwango izolo utshele Isolezwe ukuthi abasazi kumele babheke kuphi njengoba sebehambe yonke indawo bengamtholi umzukulu wakhe.
“NgeSabatha (ngoMgqibelo), siphuma enkonzweni, umakhelwane wesihlobo sami khona lapha endaweni, wasimema ukuba size ephathini yezingane ayeyenzile. Ngenxa yokuthi kwakunesihlobo esasizovakasha ekhaya, ngashiya uSinikele kule phathi ngaya ekhaya. Ngabona ilanga lishona engabuyi ngazitshela ukuthi kukhona okumbambile noma usadlala. Ngashaya ucingo kwathiwa ulale khona kodwa ngeSonto ekuseni ngo-7 uvuke wahamba eza ekhaya. Ngabatshela ukuthi akazange afike ekhaya. Siqale lapho ukumfuna, sesimfune yonke indawo asimtholi. Sikhathazekile kakhulu ngoba asazi ukuthi ingane ikuphi nezinkalo, asazi noma kukhona okwenzeka kuyona,” kusho uNkk Mncwango.
Uthe bashayele ucingo abangani bakhe basesikoleni, bahamba bemfuna ezindaweni ezahlukene eMthunzini kodwa akatholakali.
“Asazi ngempela ukuthi kwenzakalani ngoba akekho ombonile. Uvele wanyamalala nje. Izinsuku ziyaqhubeka njengoba sekuzophela isonto lesibili engaziwa. Akusalaleki nasebusuku ngenxa yalesi simo,” kusho uNkk Mncwango.
Uthe njengoba bevule icala emaphoyiseni aseMthunzini bayathemba ukuthi yiwona asezobalekelela kulolu daba oselubakhathazile.
Abakhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal bathe ulwazi ngalolu daba luzotholakala namhlanje uma sekutholakale abaseshi bodaba.
Iphoyisa elingavumelekile ukukhuluma nabezindaba lithe baphansi phezulu bathungatha le ngane.