INYUNYANA yabasebenzi iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) iwotha ubomvu ngesitatimende esenziwe isikhulu soMnyango wezaseKhaya siphawula nge-video ekhombisa omunye wabasebenzi enake iselula emsebenzini.
INehawu igxeka uSihlalo wekomiti lomnyango ePhalamende uMnuz Hlomani Chauke othe kuzophenywa ngabasebenzi ababili bamahhovisi asoThongathi ababonakala benake amaselula. Lokhu kubonakale kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, eveza abantu abalinde usizo kulayini kodwa benganakiwe.
Isitatimende seNehawu sikhala ngokuthi uChauke ucasha ngesithupha ekubeni ezazi izinselelo ezibhekene nabasebenzi. Sigxeka ukuthi ahambise phambili ukuthi okwenza olayini babe bade emahhovisi omnyango yingxenya yokuthi abasebenzi banaka amaselula. INehawu ithi yize ingahambisani nokusetshenziswa kwamaselula emsebenzini, umnyango awulungise izinkinga ezidala abantu bame olayini abade.
“UChauke kumele ngabe uyazazi izinselelo ezidalwa ukushoda kwabasebenzi. Kunezikhala eziningi ezingavaliwe kuzwelonke. Sinesiqiniseko sokuthi ubude bolayini emahhovisi omnyango kwenziwa ukushoda kwabasebenzi,” kusho isitatimende.
USaphetha ukhale ngokuthi abasebenzi bayagqilazeka ngoba basebenza namahora eqile ngenxa yokushoda kwabo.
Uthe oThongathi bangu-14 kuphela abasebenzi abasiza umphakathi waseMhlanga, eNanda naseBallito.
“Sagcina siya enkantolo ngoba umnyango wawufuna laba basebenzi basebenze nangoMgqibelo kodwa banganxeshezelwa. Kunezikhala eziningi ezidalwe ukushiya kwabasebenzi eminyakeni eyisihlanu edlule kodwa ezingavaliwe. Sinxusa ukuthi ungqongqoshe womnyango abheke izinkinga zangempela ezidala ukuthi abantu bangasizakali emahhovisi.”
Ekhuluma nabezindaba uChauke uthe sebeqale uphenyo nge-video yasoThongathi.
Uthe baphakamise nokuthi abasebenzi bangabe besavunyelwa ukuphatha amaselula ngesikhathi somsebenzi.
UChauke uthe emhlanganweni wabo wokuqala ePhalamende bazocela uNgqongqoshe uMnuz Siyabonga Cwele ukuthi abanikeze umbiko ngosekwenziwe ngalolu daba.
Okhulumela uMnyango esifundazweni, uMnuz David Hlabane, uthe bazolinda umphumela wophenyo ukuze bathathe izinyathelo. Ngonyaka odlule wathathelwa izinyathelo owesifazane obebonakala enake iselula ngesikhathi egxiviza amaPassport emahhovisi omngcele ohlukanisa elakuleli neZimbabwe, eBeitbridge Port.