BALUQALE kabi usuku lokuvulwa kwezikole abafundi besikole samabanga aphezulu eFolweni, bethola ukuthi kushone omunye wabo ngempelasonto.
Kube muncu ngoLwesibili eMasibambane High ngesikhathi othisha nabafundi bethola ukuthi uSphesihle Sibiya (20), obefunda uGrade 12 ushonile. USphesihle ozongcwatshwa ngoMgqibelo, kuthiwa washayiswa yimoto ngakubo ngoMgqibelo.
Isolezwe lifike esikoleni sikamufi kumuncu njengoba othisha bebeqala ukubikelwa ngalesi sigameko.
Uthishanhloko, uMnuz Bongani Mkhunya, uthe badumele kakhulu ukuthi bavule izikole ngodaba olubuhlungu kangaka. Uthe uthumele ithimba lothisha abaye kubo kaSphesihle ukuyobhonga emswaneni. Uveze ukuthi bahlele ukwenza inkonzo yokukhumbula lo mfundi namuhla.
Ubabekazi kamufi, uNksz Agnes Sibiya, uthe uSphesihle washayiseka ngakubo eFolweni emgwaqweni omkhulu ngezithuba zabo-6 ekuseni.
Kuthiwa umngani kaSphesihle naye walimala kancane ekhanda kuyona le ngozi.
UNksz Sibiya uthe othisha bafikile ngoLwesibili bamtshela nokuthi bahlela inkonzo yokumkhumbula.
UColonel Thembeka Mbele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe le ngozi yenzeka ngezithuba zabo 5:50 ekuseni. Uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso eliphenywa esiteshini saKwaMakhutha. Uthe kwashona owesilisa endaweni yesigameko. Obehamba naye walimala ekhanda.