KUFE indoda eyodwa yaphuthunyiswa esibhedlela emuva kokuba ethelekelwe ngamalungu omphakathi waseMzinyathi obuwasola ngokweba.

Amadoda abengakaziwa ukuthi angobani amagama awo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amadoda athelekelwe ngoLwesithathu.

Uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala. Usigxekile isenzo somphakathi sokuzijezisela abantu abasolwa ngokwenza okubi.

“Siyawunxusa umphakathi ukuthi uyeke ukuzijezisela wona abantu kodwa ubike izenzo zobugebengu emaphoyiseni bese ulinda wona ukuthi aphenye,’’ kusho uZwane.

Kungekudala kuhlaselwe indoda yaseShaka’s Head, eStanger, yabulawa ngamalungu omphakathi ngoba eyisola ngokubulala.

Kuthiwa uMnuz Lindani Zako (31) wagwazwa wafa ngoba esolwa ngokubulala uMnuz Sibusiso Zabethe owayegwazwe wafa ngoMgqibelo emasontweni amabili adlule.

Kukholakala ukuthi uZabethe wabulawelwa endaweni yokucima ukoma emuva kokuthi ebe nengxabano noZako. Waphuthunyiswa esibhedlela washonela khona. UZako wahlaselwa erenki yaseBalito emuva kokuba amalungu omphakathi kade emthungatha.

UZwane uthe banxusa abantu ukuthi bapheze ukuhlasela abantu abasolwa ngobugebengu bayekelele umthetho wenze umsebenzi wawo.