KUSOLWA ukuthi bekufunwa umngani wayo indoda (20) yaKwesaKwaMthethwa okuthiwa ihlakazwe ngenhlamvu yafa ngamanye amadoda angaziwa ilele nentombi yayo.
Ababulali bahambile kodwa babuye babuya bazobulala intombi ngesikhathi beyizwa ikhala.
Kuthiwa uMnuz Ndumiso Lembede ungenelwe ngamadoda angaziwa ngoMgqibelo ebusuku adubula yena nentombi yakhe, uNoxolo Nxumalo, obengumfundi ase ashaya bachitha.
Umfowabo kaLembede, uMnuz Zakhele Mhlongo, uthe umfowabo wafika kubo ngoLwesihlanu evakashile ehamba nentombi yakhe.
Uthe umfowabo ubengasebenzi futhi engafundi kodwa ubehlala nentombi yakhe eNgwelezane evame ukuthi avakashe nayo uma kuyizimpelasonto njengoba isuke ingafundi.
“Ufike ngoLwesihlanu emini ehamba nentombi yakhe njengokujwayelekile. Wahlala usuku lonke ekhaya ngoMgqibelo. Kuthe sekusemini wacela ukukhuluma nomunye umalume wethu. Umalume uthe abaxoxe bebe bebuka ibhola kodwa wathi into afisa bayixoxe ithanda ukuba bucayi wathi okungcono babuye baxoxe. Umalume uthe uma eqeda ukubuka ibhola wayobheka imfuyo wabuya eselele nokwenze ukuthi bagcine bengakhulumanga,” kusho uMhlongo.
Uthe amalungu omndeni amtshele ukuthi ngesikhathi sebelele bonke kuzwakale amadoda engqongqoza endlini yomfowabo. Kuthe uma engavuli, asikhahlela isicabha, angena ngaphakathi.
“Abazwile ngesikhathi amadoda ekhuluma bathi bafike bambuza ukuthi ‘uphi umngani wakho’ kwathi uma engaphenduli bamdubula. Baphumile bahamba kodwa bathi uma bezwa intombi yakhe ikhala babuya bazoyidubula nayo. Mina ngivuke ngoba sengizwa isibhamu sesiqhuma kabili okokugcina ngathi uma ngiphuma ngaphandle ngafika bengasekho abebedubula,” kusho uMhlongo.
Uthe namanje basadidekile ukuthi ubulaweleni umfowabo nentombi yakhe ngoba ubengakaze aveze ukuthi kukhona axabene nabo. Ngokusho kwakhe kutholakale amagobolondo ayisikhombisa ezinhlamvu endlini okuhlaselwe kuyo umfowabo nentombi yakhe.
UMhlongo uthe amanye amalungu omndeni athe bekukhona abantu abelokhu ekhuluma nabo ocingweni umfowabo kodwa kungaqondakali ukuthi bakhuluma ngani.
Umndeni kaNoxolo ucele ukuthi ubuye uthintwe kodwa ugcine ungasalubambi ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokutholakala kwezidumbu zezithandani zinamanxeba okudutshulwa. Uthe okwamanje isizathu sokuhlaselwa kwazo asikaziwa.