Izindaba

Indlunkulu ichitha ’oqola abantu’ ezibiza ngoMntwana

Thokozani Ndlovu|Published

U-NKSZ Londiwe Ngcamu ochithwa yiNdlunkulu kaZulu ukuthi ungomunye wabantwana khona Isithombe: SITHUNYELWE

INDLUNKULU kaZulu isiphumele obala yachitha uNksz Londiwe Ngcamu okuthiwa usebenzisa yona ukuqhuba imisebenzi yakhe ekhohlisa abantu ngokuthi ungomunye wabaNtwana khona.

Lokhu kuza emva kokusuka komsindo kukhala umculi kamaskandi uBuselaphi oveze ukuthi wayexhumana naye emqasha nabanye abaculi ukuyonandisa emcimbini wasendlunkulu, wagcina ebabambise utalagu.

UNksz Ngcamu osalokhu emile ekutheni unguMntwana waseNdlunkulu futhi miningi imisebenzi ayenzayo khona, kuthiwa akukho okumhlanganisa nayo.

UMntwana u-Africa Zulu, oveze ukuthi nguyena oseqokwe ngokusemthethweni ukukhulumela iSilo uMisuzulu, uthe abamazi enguMntwana waseNdlunkulu uNksz Ngcamu kodwa bamazi eyintombazane yaKwaHlabisa, engahlanganise lutho nendlunkulu.

“Baningi abantu abazama ukwenza umathanda endlunkulu. Abanye baze basebenzise ngisho nama-letterhead asendlunkulu ukukhipha izitatimende. Lokho kuzophela nya ngoba bungubugebengu obuhleliwe lobu ababenzayo. Indlunkulu ayihlangene nakancane noLondiwe futhi ayimazi ukuthi ungubani. Sicela ayiyeke le nto ayenzayo ngoba idicilela phansi isithunzi seNdlunkulu kaZulu,” kusho uMntwana u-Africa.

Ethintwa uNksz Ngcamu uthe akekho ongamphika yena endlunkulu ngoba imisebenzi yakhe iyaziwa khona. Wathi iyamcasula nendaba yezintatheli ngoba azakhi uma zibhala izindaba zasendlunkulu kodwa zifuna into edicilela phansi isithunzi sayo. Uze wathumela nencwadi enamaminithi omhlangano wasendlunkulu owawungoMeyi 5, 2021. Kula maminithi uNksz Ngcamu uvela ohlwini lwabantwana basendlunkulu ababekhona kulo mhlangano. Yena unguMntwana okuthiwa uqhamuka endlini yasendlunkulu ebizwa ngokuthi iseZulwini.

UMntwana u-Africa uthe indlu yaseZulwini ikhona futhi bayayabazi bonke abantwana bakhona.

“Indlu yaseZulwini ekaMntwana uDabulamanzi ongasekho. Njengamanje kukhona uMntwana uSibusiso okhuluma izindaba zakhona. Asikaze sizwe ngoLondiwe. Mhlawumbe kungenzeka kunogogo wakhe noma umzala kagogo wakhe ohlobene nale ndlu, manje naye usezibona enguMntwana waseNdlunkulu,” usho kanje.

UMntwana uMbonisi naye umchithile uNksz Ngcamu. Uthe kumele sizibuze thina ukuthi uNksz Ngcamu udabuka kuyiphi indlu njengoba engekho ongaziwa ukuthi uzalwa wubani endlunkulu.

U-NKSZ Londiwe Ngcamu ochithwa yiNdlunkulu kaZulu ukuthi ungomunye wabantwana khona Isithombe: SITHUNYELWE