INDLOVUKAZI yomculo kamaskandi, uBuselaphi Buthelezi-Gxowa uqhamuka nekhambi lokuqeda usizi kubaculi bakamaskandi uma kuvela umshophi
Image: SIGCINIWE
UKUDLULA emhlabeni kwabaculi bakamaskandi namagidangoma abo maqede kungaziwa ukuthi kufanele kuthathweni, kuhlanganiswe nani ukuze bafihlwe, kusukumise isihlabani salo mculo, uBuselaphi Buthelezi-Gxowa.
"Sinohlelo esiluqalayo lokungcwaba amaciko ngoba siba nenkinga uma kushona umculi namagidangoma akhe, kungabibikho ongenelelayo."
Lo mculi, owaqala ukuzakhela udumo kwiMithente, uthe uphatheka kabi uma sekufanele kwehliwe kwenyukwa kuqongelelwa iminikelo ukuze kungcwatshwe iciko elibambe iqhaza kumaskandi.
Uthe kulo mbhidlango usebenzisana nenkampani yabangcwabi esemthethweni, esifihle amaciko amaningi kuleli, okubalwa kuwo noWinnie Khumalo, i-21 Century Funeral Services.
"Sizoba nenkundla esizoqobela kuyo phansi wonke amaciko akuzozonke izifundazwe ukuze uma kufika izikhathi ezinzima singabi nenkinga yokuthi sithathani sihlanganisa nani ukuze sifihle umufi."
Uthe lo masingcwabisane uwuqhuba ngaphansi kwenhlangano yakhe engenzi nzuzo iDr Buselaphi Foundation.
"Into esizoyenza wukuthi kumele iciko libe nabantu abayisikhombisa kuphela. Wumphathi bese kuba amagidangoma akhe ayisithupha, ukuze kuhlangane abantu abayisikhombisa. Sizocela umuntu ngamunye anikele ngoR100 kanye ngenyanga, zinyangazonke ukuze silekelelane."
Uthe njengamanje uxoxisana neminyango kahulumeni nosomabhizinisi abazimele ngenhloso yokuba nabo baphonse itshe esivivaneni.
"Silungiselela nokuba nehhovisi esizosebenzela kulo. Sizodinga amagama omuntu aphelele ne-ID yakhe ukuze angene kwi-database yethu ezoba sehhovisi nakwi-21 Century ukuze uma sivelelwa yinkinga kuqinisekiswe ukuthi ungowethu ngempela, kungaqhamuki umuntu esingamazi athi uyigidangoma likaBuselaphi kanti akalona."
Esephetha uBuselaphi uthe isiqubulo sabo sithi "Asizisize Thina Ngaphambi Kokuba Sisizwe Ngabanye."
UBUSELAPHI oseke wanikela ngamathangi amanzi ngakubo eNgolotshe, kwaNongoma
Image: SIGCINIWE
UBUSELAPHI osungula umasingcwabisane ngenhloso yokutakula ozakwabo anabo kumaskandi
Image: SIGCINIWE
Related Topics: