
Lokhu kushiwo nguMnuz Mervyn Abrahams, wePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, eyenze ucwaningo ibheka izinga lendlala kubantu abampofu.
Uthe imindeni eminingi ibivele ibulawa yindlala ngaphambi kokuthi kubheduke iCorona ngoba imali engenayo ekhaya ngenyanga ibingenele ukubhekana nezidingo zomndeni.
Abantu abahola kancane bahola uR3 200 ngenyanga esikhathini esiningi. Usuke eyedwa umuntu owondla amalungu omndeni amane kuya phezulu ngaleyo mali.
“Kule mindeni igilosa ethengiwe yenela amasonto amathathu, ngesonto lesine umndeni usuke ungasazi ukuthi uzodlani. Njengoba kubheduke igciwane imindeni ithenge izinto zokuhlanza ezithe xaxa kanye nensipho ukuze izivikele. Ayikho imali yokwenza lokhu, kunconzulwa kuyo leyo mali ukuze kubhekelelwe isimo esesikhona. Njengoba izingane zihleli emakhaya zengeza umthwalo onzima obuvele ukhona ekhaya ngoba zidla ekhaya kanti uma kuvuliwe esikoleni ziye zidle esikoleni emini. Lokhu kwenza ukuthi umndeni obuvele uthwele kanzima igilosa obekumele uyidle amasonto amathathu ugcine usuyidla amasonto amabili, yingakho uma kuqhamuka uMsamariya ethi nakhu ukudla wonke umuntu uyasukuma ngoba ukudla akukho,” kusho * -Abrahamsyena.

Uthe njengoba kumiswe ukwenziwa kwezinto eziningi, ngeshwa kuke kwavalwa ukusebenza kwabadayisa izithelo nemifino emgwaqweni lapho iningi labantu abahola kancane liphephela khona.
“Kulezi zitolo imifino nezithelo kuyakalwa futhi kubiza ngaphezulu kwasemgwaqweni. Imifino enempilo ngeshwa imindeni eminingi igcine ingasayithengi ngoba kulezi zitolo ukudla kwenyuke ngo-5.6% phakathi kukaMashi no-Ephreli. Njengoba imindeni eminingi ingakwazi ukuthenga ukudla okunempilo ithenga noma yini engase iyidle. Uma kwenzeka ingenwa yigciwane izofa kalula ngoba amasosha antekenteke ngenxa yokudla ekudlayo. Isimo esisibone e-Alexandra naseCape Town abantu bevuka umbhejazane belwa befuna ukudla sizosibona zonke izinsuku abantu bemasha befuna ukudla. Akukhona ukuthi abafuni ukuhlala endlini kodwa bakhishwa wukuthi balambile bazitshela ukuthi uma bephuma kukhona abangase bekuthole,” kusho u-Abrahams.

Uthe abantu abadala abahola impesheni okuthiwa basengcupheni yokufa uma bethola igciwane bagcina bengena izitolo eziningi beqhathanisa intengo yokudla bebe bebeka impilo yabo engcupheni.
Uthe inhlangano yakhe nezinye esebenzisana nazo sezibhalele uMengameli zicela ukuthi kwenyuswe imali yesibonelelo sezingane kanye nempesheni yabantu abadala ngoR500 ukuze imindeni eshayekile ikwazi ukuthenga ukudla.
UMnuz Sizwe Cele weKwaZulu-Natal Association for Business izolo unikele ngokudla kwabampofu baseNtshangwe, KwaXimba, eClermont ngoba ethi uzama ukuthi bahlale ezindlini bangalokhu beba wuvanzi bezama imali yokudla ukuze kuvikeleke ukusabalala kwegciwane.