Izindaba

Indiza yakuleli ingase iyolanda abaseFrance

Sihle Mlambo|Published

UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula uveze ukuthi kungenzeka kukhishwe indiza eyolanda abantu bakuleli abahlala eFrance ukuze baphephe kwiCoronavirus exakile Isithombe : SIGCINIWE UNGQONGQOSHE wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula uveze ukuthi kungenzeka kukhishwe indiza eyolanda abantu bakuleli abahlala eFrance ukuze baphephe kwiCoronavirus exakile Isithombe : SIGCINIWE

UNGQONGQOSHE wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula uthi kungenzeka kuphume enye indiza, ibheke eFrance iyotakula abantu bakuleli abangase bahaqwe yiCoronavirus (Covid-19).

UMbalula ukhulume nabezindaba esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eGauteng ngesikhathi echaza indaba yokuvalwa kwamabhanoyi akwamanye amazwe. Sigcine sifinyelele ku-202 isibalo sabantu bakuleli abahaqwe wubhubhane.

Uthe iNingzimu Afrika ngeke ibanqabele abantu bakuleli abakwamanye amazwe uma befuna ukubuya ngoba kuyilungelo labo. 

“Kufanele sibasize abantu bakithi ngoba bavunwa wuMthethosisekelo wezwe ukuthi uma befuna ukubuya balekelelwe.

Sinabantu abakwamanye amazwe, abazizwa sengathi sebevalelekile abasakwazi ukubuya futhi badinga usizo lukamengameli wethu,’’ kusho uMbalula.

Uthe kungenzeka uhulumeni agcine enqume ukuthi kuphume indiza ezohamba iqonde ngqo kubona ibathathe babuyele ekhaya njengoba isimo sisibi. 

UMbalula ukhuluma kanjena nje ikhona indiza eyakhishwa yalanda abantu bakuleli abebehlala eWuhan, eChina lapho bekuxake khona leli gciwane elisatshwa umhlaba wonke. 

UMbalula uthe basamile ekutheni ngeke zivunyelwe izindiza ezivela emazweni anezinga eliphezulu leCoronavirus. Amazwe abalwayo yiChina, Iran, South Korea, Italy, Spain,Germany, UK ne-US.

Lesi sinqumo sithathwe ngenxa yokuzama ukugwema ukubhebhetheka kweCoronavirus.