UNKSZ Nomathamsanqa ‘Thami’ Mzuzu oduke eyovula icala emaphoyiseni emuva kokubanjwa inkunzi
UPHITHENE ikhanda umndeni wowesifazane obeyimenenja eWimpy, eHarding oduke emuva kokubanjwa inkunzi esitobhini.

UNksz Nomathamsanqa “Thami” Mzuzu (41) uduke ngoNovemba 28 emuva kokuba eye esiteshini samaphoyisa eyovula icala lokuntshontshelwa ekade emile esitobhini okugitshelwa kusona.

Umfowabo, uMnuz Sabelo Mzuzu, utshele Isolezwe ukuthi kuyabadida ukunyamalala kukadadewabo ngoba wayekade eyocela usizo emaphoyiseni.

“Udadewethu wayeyofuna imoto ezomgibelisa esuka eHarding lapho esebenza khona eya eKokstad. Lapho kugitshelwa khona kusemahlathini. Kwaqhamuka umuntu wamphuca isikhwama nefoni yakhe. Kwaba khona omunye umuntu wesilisa owaya kudadewethu ukuyomsiza wathi uyamazi lona (umsolwa) owayemphuce izimpahla zakhe,” kusho uMzuzu.

Uthe udadewabo wabuyela endlini aqashe kuyona, ehamba nalo wesilisa, wacela obaqashisile ukuba amnikeze imali yokuya esiteshini samaphoyisa eHarding.

UNksz Mzuzu kuthiwa wayelokhu ehamba nowesilisa owathi uyamazi umsolwa.

Bafika bavula icala lokuntshontshelwa esiteshini saseHarding.

Ngabo-7 ebusuku baphinde babuyela kulesi siteshi bethi sebephuma kubo kamsolwa kodwa ubabalekelile.

“Kuthiwa amaphoyisa ahambisa udadewethu endlini ayeqashe kuyo, owesilisa owayezama ukumsiza wayiswa kweyakhe. Akekho owaphinde wambona udadewethu njengoba sivule icala lokulahleka kwakhe. Asazi ukuthi kwenzekani nokuthi washonaphi. Namaphoyisa awasisizi njengoba abengasabonakali namadokodo ecala,” kusho uMzuzu.

Izolo uMzuzu uthe amaphoyisa aseHarding ayesebenza atshele umphenyi wecala ukuthi owesifazane amshiya endlini yakhe ngelanga lesigameko.

Uthe noma beyovula icala lokuduka kukadadewabo eHarding abazange baphathwe kahle njengomndeni kunalokho babuzwa ukuthi udadewabo akayena yini umuntu othanda amadoda noma odakwayo njengoba bengamazi nje.

Uthe bathwele kanzima njengoba izingane zikadadewabo ezineminyaka engu-20, 16 no-14 zilokhu zimbuza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokuduka komuntu.

Uthe ongaba nolwazi ngoNksz Mzuzu angaxhumana namaphoyisa esiteshi sase-Harding ku-039 4331 055/1717 noma ku-08600 10111. Ezinye izinsolo ngecala ziyaphenywa.