SEKUQUBUKE indida ngokushona kwengane enemasonto amathathu ehostela KwaMashu okuthiwa idliwe ikhala nomlomo.
Unina kaZiyanda Ncwane, uNksz Zinhle Mahaye utshele Isolezwe izolo ukuthi naye akanalo ulwazi ukuthi kwenzakalani enganeni yakhe njengoba wayishiya imizuzwana ngoMsombuluko wabuya ikhala lingasekho.
“Bengiyogeza izitsha ngaphandle ingane ngiyishiye embhedeni. Bengisaphume cishe imizuzu engu-10 kuya ku-15. Sengibuya endlini ngifice ikhala lengane lidliwe, nomlomo ubukeka usikekile. Ibithule kodwa isashisa, ngibize omakhelwane ukuba bangisize. Sabiza abezimo eziphuthumayo bafika bathi ingane isishonile,” kusho uNksz Mahaye.
Unina wengane uthe angeke asho ukuthi yini edle ingane ngoba naye akanalo ulwazi.
“Angazi ngempela ukuthi yini edle ingane, ukuthi isilwane noma umuntu. Okudidayo ukuthi bekunento eluhlaza esifubeni sengathi kukhona obekuyicindezela. Kuyadida nokuthi ikhala lonke belingekho sekusele izimbobo zodwa. Angazi ngempela ukuthi sikhona yini isilwane esingenza lokho. Sesithembe uphenyo lwamaphoyisa nombiko kadokotela,” kusho uMahaye.
Uthe ngesikhathi efika endlini ingane yayingophi kodwa wathi eseyiqukula embhedeni, kwaphuma igazi ekhaleni.
Ebuzwa ngamagundane nezilwanyana kuleli hostela, uthe ngokwakhe uke abone amagundane ajwayelekile amancane, amakhulu ubengakaze awabone.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo ngesigameko.
“NgoMsombuluko ngabo-13.20 ntambama ingane enamasonto amathathu itholwe ishonile kubo. Akukho okusolisayo ngokushona kwayo. Amaphoyisa aKwaMashu avule idokodo ngalesi sigameko,” kusho uCol. Mbhele.
Unina wengane izolo utshele Isolezwe ukuthi usalinde umphumela wokuhlolwa kwesidumbu.
Namhlanje kulindeleke ukuba ifihlwe ingane kubo eHarding.
UNksz Mahaye onezinye izingane ezine uthe isikhathi esinzima kakhulu lesi emndenini wakhe wathi ufuna lonke iqiniso ngokwenzeke enganeni yakhe, uma sekuphothulwe uphenyo.