SISADIDEKILE isilomo sikamaskandi, uPhuzekhemisi ngesigameko esiholele ekutheni sidubuleke esiphongweni kubangwa isibhamu nelungu lebhendi yakhe eLovu, ngeSonto ntambama.
UPhuzekhemisi uthe usafuna babonane baxoxe naleli lungu elilaliswe esibhedlela okuthiwa lidubuleke esiswini nasemlenzeni. “USathane nje lo, akukho okuningi engizokukhuluma manje,” kusho Phuzekhemisi.
Ngesikhathi leli phephandaba lifika kwakhe izolo ekuseni bekukhona umfowabo uLethukuthula Mnyandu, othe nguye ozokhulumela uPhuzekhemisi njengoba ebelungiselela ukuya esibhedlela.
Uthe owesilisa abadlala naye ingoma, ufike wathi uzofuna imali njengoba kade benandisa emcimbini iNyus’iVolume, ePeople’s Park ngoMgqibelo.
“Imali ayikangeni wabe esethi umfowethu uma empintshekile uzoya kombhekela kweyakhe ukuze ezokwazi ukuqhubeka nezinto zakhe.
"Bahambile bayokhipha imali wamnika, babuya nababuye nakho kokuthiba ilanga, bahlala futhi bakwenza abebekwenza,” kusho uLethukuthula.
Uthe babe sebehamba nokuthe sebehambe amakhilomitha amahlanu lo wesilisa wahosha isibhamu sikaPhuzekhemisi ebesisenqulwini kwasuka umbango, uPhuzekhemisi wahuhuluzwa inhlamvu esiphongweni. Lo mlisa okuthiwa ungumngani wakhe udubuleke emlenzeni nasesiswini.
Ngesikhathi kwenzeka konke lokhu nje uPhuzekhemisi ubehleli ngemuva emotweni nalo wesilisa kukhona nabanye ababili ngaphambili.
Izolo ekuseni bekufika omakhelwane bezobheka uPhuzekhemisi njengoba bese bezwile ngokwenzekile. Kufike nomculi wekwaito uT’zozo othe ufonelwe wumuntu oseMpumalanga embuza ngokudutshulwa kwalo mculi.
“Uyezwa ukuthi indaba isuswe wukuthi ubefuna imali ekubeni ingakangeni. Uhulumeni wethu kumele ayilungise eyokuthi kuze kuphele izinsuku ezingu-30 singaholile.
"Kuze kuphele izinyanga ezintathu imali ingekho, abantu osebenza nabo bakubuke kabi uma wenza izinto kanti usebenzisa imali oyilondolozile.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe,
"Isibhamu esitholakale endaweni yesigameko sithathwe ngamaphoyisa. Amaphoyisa asaphenya."