UDIDEKILE umndeni kasomatekisi wesifazane obulawe namanye amalungu omndeni amabili, behlaselwa abantu abangaziwa emzini wabo e-Auckland, eMariannhill, ngoLwesibili ebusuku.
Kulesi sigameko kushone uNksz Tholakele Magutshwa, obengusomatekisi, indodana yakhe uMnuz Mthobisi Magutshwa nomzukulu, uMvelo Magutshwa.
UMthobisi noMvelo bashonele endaweni yesigameko ngawo uLwesibili, uNksz Magutshwa washonela esibhedlela ngoLwesithathu.
Isihlobo esicele ukungadalulwa, silandisa ngesigameko sithe, kugasele abesilisa ababili ebebengazifihlile kodwa abangaziwa ngabo-7 ebusuku.
Sithe lesi yisikhathi lapho okufika ngaso abashayeli belethe amatekisi amane kaNksz Magutshwa njengoba epaka ekhaya.
“Oyedwa uye endlini kaMthobisi engaphandle, wafike wamdubula wambulala. Omunye uhambe waya endlini enkulu, naye wafike wavulela ngenhlamvu kwabebekhona,” kusho isihlobo.
Kwabasindile, ebebesendlini enkulu, kube enye indodana kaNksz Magutshwa nomshayeli wetekisi, okuthiwa bekunguye kuphela umshayeli obesafikile ukuzoletha itekisi.
“Lokhu kwenza sidideke ukuthi babulawelweni ngoba noNksz Magutshwa ubengakaze abike zinkinga embonini yamatekisi asebe yingxenye yayo iminyaka engaphezu kwengu-15 ngaphansi kukasoseshini waKwaNdengezi,” kusho isihlobo.
Yize kunjalo, uthe bewumndeni bayabona ukuthi obekuhloswe abasolwa ukuqotha imbokodo nesisekelo kuphela.
“Badubule wonke umuntu obesendlini, ngokwabo bekumele kufe wonke umuntu. Ebebekufuna ukubulala kuphela ngoba abazange bathathe futhi abashongo lutho,” kusho isihlobo.
Sithe bayafuna ukubona abasolwa beboshwa, ukuze bachaze ukuthi bazibulaleleni izihlobo zabo.
“Sididekile, sizwa ubuhlungu obungachazeki, siyafuna ukwazi ukuthi babulawelweni,” usho kanje.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mthokozisi Gasa, lithe umphakathi usathuthumela kulandela isigameko.
“Isimo simanzonzo. Umphakathi uthukile. Sifisa izinhlaka zezokuphepha zisondele ngoba kukwampunzi idla emini kule ndawo, izigebengu ziyacanasa futhi isimo siphumile esandleni,” kusho uGasa.
Uze waveza nokuthi indawo ibinomtholampilo ongumahamba nendlwana ayisekho ngenxa yokuthi abahlengikazi baxoshwa wukubanjwa inkunzi bephucwa izimoto, amaselula nemali.
Uveze ukuthi kwenzeka okufanayo nasezisebenzini zikamasipala ezisuke zizolungisa ugesi namanzi endaweni.
Yize umndeni uqinisekisa osekuchaziwe odabeni, imininingwane etholakale emaphoyiseni isho okuhlukile. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMariannhill avule icala lokubulala, namane okuzama ukubulala kulandela isigameko sokuhlaselwa komndeni wamalungu ayisihlanu ngoLwesibili.
“Kuthiwa kungene abesilisa ababili, bafika bavulela ngenhlamvu, kwafa owesilisa oneminyaka engu-36, kwalimala abane abaphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uNetshiunda.
Uthe imbangela yokubulala ayikaziwa.