AKASETHEMBI lutho umfowabo wenye yamadoda amabili abulawe ehostela KwaMashu ngoMgqibelo ntambama elungela ukuya ekhonsathini kamaskandi ebiseMoses Mabhida Stadium.
Kuthiwa bobabili ababulewe bangabalandeli beGcokama Elisha, ebelingomunye wabaculi abebenandisa ekhonsathini.
UMnuz Nkululeko Ngcobo, umfowabo kaMnuz Mthokozisi Ngcobo (26) obulewe, uthe naye usehamba ejeqeza ngoba akasazi isizathu sokubulawa kwakhe. Umfowabo ubekade enaye emini ngawo uMgqibelo kodwa wangamtshela ukuthi uzoya ekhonsathini.
“Besihlala ndawonye ehostela kodwa sihlukene ngezindlu. Ngibizwe sekuthiwa udutshuliwe ngaya ngafika eseshonile. Kuthiwa ubesegqokile exubha emnyango kanti ucuthelwa ngumuntu obephethe isibhamu. Umdubule kaningana kwathi noma esebaleka wamlandelisa ngaso isibhamu,” kusho uNgcobo.
UNgcobo uthe umufi ubezishaye zaphelela ezabalandeli beGcokama. Bathole nesigqoko abesishiye etafuleni endlini. Ubenenxeba lokudutshulwa ekhanda, esibeleni noxhaxha lwamanxeba emhlane. ONgcobo basuka eMlalazi, eShowe, ngokuzalwa kodwa umufi ubeseneminyaka eyisihlanu ezofuna amatoho eThekwini.
Ebuzwa ngomunye obulewe ngesikhathi esifanayo nomfowabo, uNgcobo uthe akazi lutho ngaye.
“Nalona omunye obulewe ubegqokise okwakhe umfowethu. Isidumbu sakhe besiqhelelene kancane nesomfowethu kodwa zombili izidumbu zithathwe ngesikhathi esisodwa,” kusho uNgcobo.
Kushone elayizolo ingakaqinisekiswa imbangela yokubulawa kwabo.
Omunye wezinduna zasehostela KwaMashu ocele ukungadalulwa, uthe sebezwile ngokubulawa kwalaba bahlali kodwa ngeke baqinisekise ukuthi babulaweleni. Okwamanje basalinde ukuthola ophenyweni lwamaphoyisa imbangela yokufa kwabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, uthe kutholakale izidumbu ezimbili zamadoda ehostela zinamanxeba okudutshulwa.
“Kuphenywa amacala amabili okubulala avulwe esiteshini KwaMashu. Izidumbu zitholakale zihlukene ngamamitha ambalwa.
Asikaziwa isizathu sokubulawa kwabo okwamanje ngoba amaphoyisa asaphenya.”
Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe basajube ithimba lezokuphepha emphakathini ukubheka okwenzeke
ehostela.
Uthe uma lokhu kuhlobene nomskandi bazobiza izinhlaka ezithintekayo ukuqinisekisa ukuthi into efana nale ayiphindi yenzeke. Imizamo yokuthola amalungu omndeni womunye obulewe ayiphumelelanga.
Ucingo lweGcokama beluvaliwe, lashiyelwa iSMS okushaye isikhathi sokuloba ingakaphendulwa.