USHAYE ungqimphothwe, walaxaza ukufaka isicelo sebheyili, uMnuz Linda "Mjinja" Hlongwa, ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
UHlongwa (31) obuye adume ngelikaPutin, okuvela ukuthi usatshiswa okwenyoka eMariannhill, bekulindeleke ukuthi afake isicelo sakhe sebheyili.
Ubhekene namacala ayisikhombisa okukhona kuwo amathathu okubulala, amabili okuzama ukubulala, elilodwa lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelilodwa lokutholakala nezinhlamvu.
Ummeli kaHlongwa, uMnuz Nkosi, usukume watshela inkantolo ukuthi yize phambilini uPutin wayezwakalise ukuthi uzofaka isicelo sebheyili kodwa usebuye wamyalela ukuthi akasenazinhloso zokusifaka.
Mathathu amadokodo esewonke amacala okuthiwa abhekene noPutin.
Kwelokuqala; usolwa ngokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu okuthiwa lenzeka ngo-2020.
Kuvela ukuthi yilo leli ayekhishwe kulo ngebheyili, kwathi sekufanele aye enkantolo, wangabe esayingena.
Elinye idokodo linamacala amabili okubulala, okuvela ukuthi wawenza ngoMashi 28, 2025. Kuwona kuthiwa wabulala ababili ngokubadubula KwaSanti.
Kwidokodo lokugcina; kunecala elilodwa lokubulala namabili okuzama ukubulala okuthiwa wawenza ngo-2023.
UMbuso uzwakalise ukuthi wonke la madokodo angahle ahlanganiswe enziwe idokodo elilodwa.
Ubuye waveza nokuthi busebuningi ubufakazi obushodayo, phakathi kwabo uthe imibiko yokuhlolwa kwezidumbu, izitatimende zofazi nobunye.
Imantshi uNkk Gwendolyn Robinson ithe izowahlehlisela uJulayi 21, wonke amacala akhe.
UPutin uke waba sematheni maphakathi no-Ephreli, kuwo lo nyaka, ngesikhathi eboshwa ngamaphoyisa eseMidrand, eGauteng.
I-video yakhe yasabalala ezinkundleni zokuxhumana, ikhombisa ezama ukubaleka ngophahla lwebhilidi ayebhace kulo.
Ukuboshwa kwakhe kwango-Ephreli, kwalandela ukukhishwa kwencwadi ekugunyazayo ngoSepthemba, ngonyaka odlule.
Ngesikhathi kukhishwa leyo ncwadi, inkantolo yaveza ukuthi kusukela ngoJulayi 2020, wayengasayingeni eyokuza enkantolo ngecala ayelihamba lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
Esitatimendini samaphoyisa esathunyelelwa abezindaba ngesikhathi efunwa, amaphoyisa athi usolwa nangokuhlukumeza osomabhizinisi baseMariannhill nezindawo ezingomakhelwane, efuna ngodli imali yokuvikela.