Izindaba

INatu isukumela olwabakaGrade R

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI weNatu uMnuz Allen Thompson okhala ngokuthi kunothisha bakwaGrade R abazothatha impesheni bengenalutho njengoba nomnyango usabakweleta imali yango-2017 UMENGAMELI weNatu uMnuz Allen Thompson okhala ngokuthi kunothisha bakwaGrade R abazothatha impesheni bengenalutho njengoba nomnyango usabakweleta imali yango-2017

INYUNYANA yothisha iNatu ikhala ngothisha bakwaGrade R abakweletwa wumnyango imali yonyaka wonke kusuka ngo-Ephreli 1 2017 kuze kube nguMashi 31, 2018.

Abenyunyana bathi bazimisele nangokuya kwiCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) ukuze inqume ngalabo thisha njengoba abanye bezoshiya nje ngenxa yokuthi sebebadala kodwa bazophuma bengaphethe lutho emnyangweni wezemfundo.

UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe babe nomhlangano noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama ngalolu daba ngeledlule.

Uthe bafuna labo thisha bakhokhelwe imali okwakumele ubanyusele ngayo kodwa abangazange bayithole.

“Umnyango uze wanyusela othisha imali ngonyaka odlule futhi wangaqala ngo-Ephreli kodwa abanye baze bayithola ngoSepthemba abanye bayithola ngo-Okthoba. Bamane bathola imali yaleyo nyanga yangabalwa eyezinye izinyanga. Sifuna bakhokhelwe imali kusuka ngo-2017 ngoba babethenjisiwe. Sizimisele nokuya kwiCCMA ukuze inqume ngalolu daba,” kusho uThompson.

Uthe umnyango ubanyusele ngoR750 abangenazo iziqu kwathi abaneziqu wabanyusela ngoR1250.

“Labo thisha abanye bayaphuma kodwa abaphumi nampesheni njengoba bengatholi mabhonasi, bengenawo ama-medical aid, bengakwazi ukuthola ilivu yokuyobeletha neminye imihlomulo njengabanye abasebenzi bomnyango. Sifuna babhekelelwe ngoba bazoya empeshenini bengenalutho,” kusho uThompson.

Uthe bafuna balungiselelwe ikakhulu njengoba sekuzoba yimpoqo ukuthi ingane yenze i-Early Childhood Development ngaphambi kokungena esikoleni yenze uGrade 1.

UMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi izingane ezineminyaka emithathu kuzoba yimpoqo ukuthi zifunde.

Ekhankasa KwaMashu ngempelasonto uRamaphosa uthe i-ECD ehlanganisa nezinkulisa zizofakwa ngaphansi komnyango wezemfundo.

“Ngiyabona niyayijabulela le yokuthi izinkulisa zizoya ngaphansi komnyango wezemfundo. Sifuna ukuthi ingane ena-3 iye kofunda ingahlali ekhaya njengoba lolu hlelo luzofakwa ngaphansi komnyango wezemfundo,” kusho uRamaphosa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe basamukela lesi simemezelo sikaRamaphosa asenza ngesikhathi ethula inkulumo ayeyibhekise esizweni sokuthi lo mkhakha uzobuyela emnyangweni wezemfundo.

Uthe bebehlale besho ukuthi kubalulekile ukuthi umfundi asheshe aqale isikole wathi njengoba yamenyezelwa iyasetshenziswa kuzwelonke kodwa okwamanje ayikaqali.