Abaholi beNatu bephethe amakhandlela kukhunjulwa othisha nabaholi bale nyunyana ababulawa yiCovid-19 Isithombe:SITHUNYELWE
ISONGE inyanga yothisha ngomgubho weminyaka engu-103 yasungulwa inyunyana yothisha, iNatu.
Kulo mgubho kukhunjulwe nalabo ababulawe yiCovid-19 okubalwa nobengumengameli wale nyunyana, uMnuz Allen Thompson, oshone ekuqaleni konyaka.
UMnuz Sibusiso Malinga, ibamba likamengameli wale nyunyana, uthe njengoba u-Okthoba kuyinyanga yothisha emhlabeni jikelele, babone ukuthi bayisonge le nyanga ngokugubha eFree State bahlanganise nokuzalwa kwale nyunyana ngoLwesihlanu.
Uthe le nyunyana indala njengoba igubha iminyaka engu-103 yabakhona futhi isaqhubeka nokukhula.
“Sesibekhona isikhathi eside silwela othisha yingakho kumele sihlale sifunda izinto ezintsha. Ziningi izinto okusamele sizilwele okubalwa ukungabhekelelwa kothisha bakwaGrade R abangaholi imali efana neyabanye ozakwabo. Labo thisha abanawo amalivu futhi abaholi imali elinganayo njengoba kuya ngokuthi uMnyango wezeMfundo kuleso sifundazwe uhlele kanjani, bese ubaholela leyo mali.”
UMalinga uthe umnyango kumele ulungise ingqalasizinda ezikoleni njengoba ukubheduka kweCovid-19 kuwumbule izinqe.
“Ezinye izikole namanje azinawo amanzi, okuyinto edingekayo yokuthi kuwashwe izandla. Kudingeka kube nokuqhelelana kwabafundi njengoba amakilasi ethu egcwele echichima, okuyizinto okumele zilungiswe.”
Uthe bakhumbule nothisha, okubalwa nabaholi bale nyunyana abasemagatsheni nasezifundeni ezehlukene, abathathwa yiCovid-19.
“EFree State angu-24 amalungu athathwa yileli gciwane, ezweni lonke amalungu ethu abalelwa ku-100 abulawe yiCovid-19 okubalwa nowayenguMqondisi isikhathi eside, uMfundisi Eliam Biyela, noMnuz Thompson. Yingakho besiqhubeka nokuxwayisa amalungu ethu ukuthi azinakekele ngoba leli gciwane lisekhona futhi liyabulala.”
Uthe bahloniphe ngezitifiketi othishanhloko nothisha abenza kahle kwa-matric nyakenye bathola o-100%.
“Njengoba kubhalwa nje, siyaqhubeka nokuvakashela izikhungo zokubhala sihlole isimo, sizoya nasezikhungweni zokumaka uma sekuqaliwe ngenyanga ezayo siyobheka inhlalo yothisha.”
Uthe njengoba bekuvotwa nje, basamile ekutheni abeseki qembu lezepolitiki.
“Asinalo iqembu esihamba nalo siyinyunyana, umuntu uzikhethela yena iqembu afuna ukulivotela. Lokhu kusenza samukele wonke umuntu ovela kunoma yiliphi iqembu.”
Uthe baphinde bahlomisa abaholi bezifunda ngezinsiza zokusebenza okubalwa ama-laptop ukuze kube lula ukusebenza.
“Into iCovid-19 esifundise yona wukuthi kumele sigxile kakhulu kwezobuchwepheshe. Yilokhu esikwenzayo manje ukuthi sinike bonke abaholi lezi zinsiza ukuze kube lula ukusebenza.”