INYUNYANA yothisha, iNational Teachers Union (Natu) isola uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ngokucasha ngesithupha ekuqashweni kothisha abazovala izikhala ezivuleke selokhu kugasele iCovid-19 kuleli.
Obambe njengoMengameli kule nyunyana, uMnuz Sibusiso Malinga, uthe ziningi izikhala ezivulekile zothisha zabashone ngenxa yeCovid-19, kodwa umnyango awucacisi ngokuvalwa kwazo.
“Sekukaningi sicela umhlangano nenhloko yomnyango ngalolu daba, kodwa asikaze sithole izimpendulo. Emasontweni amathathu edlule, sibhalele uNgqongqoshe eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, sacela ukuthi sibe nomhlangano naye. Siyethemba ukuthi uzosinikeza ithuba,” kusho uMalinga.
Usole lo mnyango ngokuthembela kubasizi bothisha abaqashwe ngohlelo lukamengameli eliqale ngoDisemba, okwakuhloswe ngalo ukutakula intsha ekhahlanyezwe wukufika kobhubhane.
Ugcizelele ukuthi abasizi bothisha bagcina sebenza umsebenzi wothisha okumele ngabe baqashiwe, abasebenza ngokugcwele ekubeni bethola uR3 500 kuphela wesibonelelo.
Uthe bakwamukela ukuthi le ntsha inikwe umsebenzi wathi kodwa akwemukelekile ukuthi kugcine sekusetshenziswa yona ukugwema ukuqashwa kwenqwaba yothisha abahleli emakhaya, benganawo umsebenzi.
Mayelana nokululwa ngenyanga kwezinkontileka zabasizi bothisha kulesi sifundazwe, uMalinga uthe umnyango bekumele uxhumane nezinyunyana ngaphambi kokuthatha isinqumo kodwa awukaze uzihluphe. Uthe bekumele kucutshungulwe sisekhona isidingo sabo, uma sisekhona banikezwe isikhathi esingangonyaka.
Ukhale nangokwehluka kokwelulwa kwesikhathi kwezinkontileka njengoba ezinye izifundazwe zelulwe isikhathi esithe xaxa okungenzekanga kulesi sifundazwe ekubeni kuwuhlelo lukazwelonke olufanayo.
I-South African Democratic Teachers Union (Sadtu), iqinisekise ukuthi izingxoxo ziqhubeka kahle phakathi kwayo nomnyango mayelana nezingxoxo zokwelulwa kwesikhathi.
Lokhu kuqinisekiswe wuNobhala weSadtu esifundazweni uNksz Nomarashiya Caluza.
“Okunye esixoxisana ngakho ukuthi nalabo abalekelelayo kabasibo abasizi bothisha abaqashwe ngalolu hlelo, nabo belulelwe isikhathi. Sifisa okungenani banikwe isikhathi esingangonyaka kodwa siyaqhubeka nokuxoxisana nomnyango ngalolu daba,” kusho uNksz Caluza.
Le nyunyana, ngesonto eledlule iphumele obala yagxeka umnyango ngesikhathi esincane okwelulwe ngazo izinkontileka.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, akafunanga ukuphumela obala mayelana nokuqhubeka kwalezi zingxoxo phakathi kweSadtu nomnyango kanye nencwadi eqondiswe kuMshengu okuthiwa uyibhalelwe yiNatu.
“UMnyango uhleze ukhulumisana nezinyunyana ngezinto ezehlukene,” kusho uMahlambi.