INAMHLANJE inkonzo yokuphelezela umakadebona wezokusakaza ezemidlalo uDavid Kekana (47), odlule emhlabeni ngeSonto.
UKekana uzobe eselothiswa ngasekupheleni kwaleli sonto okuzokwenziwa ngasese wumndeni kuphela.
UKekana obesegule isikhathi ushonele esibhedlela saseMilpark, eGoli.
Umndeni wakhe umemezele ukuthi inkonzo yomngcwabo izoba seRhema Bible Church,
ngo-9.30 ekuseni.
U-Andile Ncube okhulumela umndeni, uthe abakwaKekana bazizwa bethobekile ngemiyalezo yenduduzo elokhu ingenile.
“Kusuka ngeSonto umndeni ulokhu uthola imiyalezo kubantu abahlukene kuleli
okusho lukhulu kuthina. Siyabonga
kakhulu nakuhulumeni wakuleli, izinhlangano zebhola ezikhona, abangani abesebenza nabo kwezemidlalo ngabakwenzile kuthina,” kusho * -Andile.
UKekana kuvela ukuthi wangeniswa esibhedlela ngo-Agasti 13.
Emasontweni adlule uzakwabo uWalter Mokoena wanxusa abantu bakuleli ukuthi bamkhulekele njengoba ayebambekile.
Lokhu wakuveza ngemuva kokuthi
uRobert Marawa eveze ukuthi
ubesesibhedlela njengoba aphinde wahlaselwa isifo senhliziyo.
UKekana ushiye emhlabeni abazali bakhe, udadewabo nezingane ezimbili.