IBANKING Association South Africa (BASA) ithi ukuchitshiyelwa komthetho obhekelele izikweletu ubukela phansi ukusebenza kwamabhange.
Isikhulu esiphezulu seBASA uMnuz Cas Coovadia sithe ngaphansi komthetho
omusha amabhange azoba nenkinga ngoba kufanele ehlise izinga lokubolekisa ngemali kubantu abahola ngaphansi kukaR7 500.
Uthe bawu-9.5 million abantu abazohlomula ngenxa yeNational Credit Amendment Act yize kukhona amabhange asakhathazekile.
“Uma amabhange ehlisa isibalo sabantu abahola kancane ababoleka imali kungase kunyuke izindleko zokubolekisa ngemali. Sizokhuluma nohulumeni ngoba kuningi okungasicaceli kahle njengamanje,”
USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho uthe iNational Credit Amendment Act isho ukuthi : abahola uR7 500 nangaphansi ngenyanga, futhi bekweleta imali enguR50 000 nangaphansi kwezikweleti ezingavikelekile, kuthi iNational Credit Regulator neNational Consumer Tribunal, bangenza ngaphansi kwezimo ezithile ukuthi okweletayo:
(1) Avunyelwe ukuthi izikweleti zakhe akwazi ukuthi angazikhokha ngendlela emvumela ukuthi angakhokha imali ethe ukuba ncane ngenyanga, mhlawumbe ngokuthi kunwetshwe isikhathi sokukhokha leso sikweletu, mhlawumbe ngokuthi kwehliswe inzalo emalini ebolekiwe.
(2) I-National Consumer Tribunal izovunyelwa ukuthi ingake imise okwesikhashana ukukhokhwa kwesikweletu ngesikhathi ongene obishini lwezikweleti esazama ukubamba umoya, esazama ukwenza izinto zibe ngconywana.
(3) Ngaphansi kwezimo ezehlula ukwenza,
iNational Consumer Tribunal ingacisha ingxenye yesikweletu noma yezikweleti noma isicishe sonke, isikhathi esingunyaka esingaphinde sengezelwe ngomunye unyaka.
“Lo mgomo wesithathu yiwona osususe uhlevane,
lapho abanye ababolekisi bezimali sebesonga ngokuthi sebezoba manqikanqika ukubolekisa ngemali kwabahola kancane.
“Nibashaye indiva abasabisa ngokungaqhubeki nokubolekisa ngemali kwabahola kancane, amahobosha nje lawo,” kusho uDumisa.
Alukho olutheni olushintshile, wukuthi-nje labo abahola kancane “nabangafundile” sebezothola amalungelo acishe afane nawakade atholwa ngabadla izambane likapondo ngaphansi komthetho omdala we-Insolvency Act.
Isikhulu esiphezulu sakwaCapitec uMnuz Gerrie Fourie sithe lo mthetho usudingidwe iminyaka engaphezu kwemibili.
“Ngesikhathi udingidwa lo mthetho besenza isiqiniseko sokuthi amabhuku ethu siwaphethe ngendlela ehlelekile uma kuthintwa abantu abahola ngaphansi kukaR7 500 ngenyanga. Siwenze wonke amalungiselelo.”