SEKUQUBUKE umsindo kubangwa isiphakamiso sokuthi kuvalwe ukuhlola izintombi ezingaphansi kwa-16
Image: SIGCINIWE
SEKUQUBUKE impikiswano nokubhekana ngeziqu zamehlo kwabezinhlangano eziqhakambisa isintu nezibhekele ukuhlola izintombi nto ezweni, neKhomishini yamaLungelo ezamaSiko, ezeNkolo nezeziLimi, iCultural, Religious and Linguistics Rights Commission (CRL), ngesiphakamiso sayo sokuthi izingane ezineminyaka engaphansi kuka-16 zingabe zisahlolelwa ubuntombi njengoba kwenzeka ezweni lonke ikakhulu KwaZulu-Natal.
I-CRL idalule ukuthi lokhu ayikusho ngoba imelene nesiko nendlela yokwenza yesintu kodwa yingoba ifuna ukuthi kuvikeleleke izingane ezincane zamantombazane ukuthi zingathintwa ngendlela eziyibona ingafanele.
Ithe abanye bonomehlo abahlola izintombi abakufundele ukwenza lo msebenzi, okungenza ukuthi kube nobungozi thizeni ezinganeni. Idalule nokuthi ihlaba leli khwelo ngoba ilandelela imithetho ebhekele ukuvikela izingane.
Iphakamisa ukuthi okungenani uma kwenzeka ukuthi umntwana oneminyaka engaphansi kuka-16 uhlolelwa ubuntombi, kumele umzali wakhe akugunyaze lokho, asayine phansi ukuthi uyavuma ingane yakhe ihlolwe.
USolwazi Nomagugu Ngobese wenhlangano engenzi inzuzo, iNomkhubulwane Institute ebhekele ukuhlola izintombi nto, uthe isenzo se-CRL nohulumeni uqobo ubona siyindlela yokuphazamisa ivangeli abalishumayela emphakathini lokuqhakambisa ukuziphatha kahle nokuzigcina kwezintombi nto.
"Uhulumeni akumele ukuthi ugxambukele esikweni lethu lokuhlola izintombi futhi asizukukuvuma ukwenza izinto ngale ndlela abasho ngayo. Uma befuna ukusithathela izinyathelo zomthetho ngalokho, bangenza kanjalo kodwa asijiki kulokhu esikwenzayo ngoba kuyisiko lethu kusukela kudala. Sikulwele kanzima ukuthi kufike kulesi sigaba esikusona manje ngakho asizuvumela ukuthi loniwe kalula kanjalo," usho kanje.
Uthe bayazi ukuthi benza ini uma behlola izintombi ngakho ngeke batshelwe yinoma wubani ukuthi lo msebenzi asebewenze iminyaka, ukuthi bawenze ngayiphi indlela.
"Lokhu okwenzeka manje sibona kusayimizamo kahulumeni yokufuna ukulawula yonke into yesiko lethu, ngenhloso yokuqhubeka benze inzuzo ngokungaziphathi kahle kwentsha yethu njengoba sihlale sibona benza imikhankaso yokuthi izingane zethu zifundiswe ngocansi zisencane futhi zingakalungeli ukwenza lokho. Lokhu kufakazelwa nayizinhlelo zikahulumeni zokukhipha amajazi omkhwenyana ezikoleni, esibona kusayindlela yokuqhubeka kuqhakanjiswe ukuziphatha okungekuhle ezinganeni zethu," kusho uSolwazi Ngobese.
Uveze ukuthi izingane zikhipha izisu zincane, wathi bona abakwenzayo ukuzigqugquzela ukuthi zizigcine zimsulwa.
Okhulumela le khomishini, uMnuz Javu Baloyi, uthe bona babhekele ukulwa nazo zonke izenzo abazibona ziphambene nomthetho, kubalwa nakho lokhu kokuthi kuhlolwe izingane ezincane ezineminyaka engaphansi kuka-16.
"Kuphambene noMthethosisekelo wezwe ukuthi kuhlolwe izingane ezincane kangaka ngoba lokho okusuke kwenziwa kuzona, kusuke kungeyona intando yazo futhi zisuke zingazivumelanga ngokwazo ukuthi kwenziwe kuzona. Ezweni lethu iminyaka okuvumeleke ukuthi umuntu azithathele izinqumo ngazo ikakhulu ezintweni ezithinta isitho sakhe sangasese iminyaka ewu-17, ngakho lokhu okwenziwa ezinganeni kuphambene nomthetho."
Uphonsele inselelo uMnyango wezaseKhaya ukuthi ungenelele kulokhu ukuze kuvikelwe amalungelo ezingane.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweNdlunkulu kaZulu, ayiphumelelanga njengoba iSilo esabuza uMdlokombane savuselela uMkhosi woMhlanga oba ngoSepthemba, minyaka yonke, esigodlweni eNyokeni.
Inhloso yalo mkhosi wukuhambisa umhlanga kwiMbube yizintombi nto nokugqugquzela ukuhlolwa kwazo.