SEKUQUBUKE izindaba ezithi ibandla lamaNazaretha aseBuhleni selishintshe igama, selibizwa ngeChristian Church of eBuhleni Home.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto ngemithombo yalo engashayi eceleni ekuleli bandla, ikhulunyelwa phansi eyokuqanjwa kabusha kwebandla.
Kuthiwa sekukhona nezitikha ezinaleli gama kodwa uNyazilwezulu alukamemezeli ngokusemthethweni igama elisha lebandla.
Nezitikha ezinegama elisha kuthiwa kazikasatshalaliswa kubantu. Kodwa kukhona imoto yoNyazilwezulu esike yabonakala inazo.
“Inkinga wukuthi abantu basaba nokuyishutha imoto yoNyazilwezulu enaleli gama ngoba kusondela abayizethenjwa zalo kuphela kuyona. Nothuke wadlula kuyona, akakwazi ukuyithwebula izithombe njengoba kugadwe abantu abakhipha izindaba zebandla.
“Sithole ukuthi njengoba eseqambe ibandla kabusha uzama ukuzilungisela ukuthi uma kwenzeka ephoqwa ukusuka esihlalweni sebandla lamaNazaretha, aqhubeke nokuba wumholi webandla,” kusho umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi njengoba kunaleli bandla elisha eseliqanjwe, uNyazilwezulu lusikaza nokufaka indodana yalo, uMzwandile ukuthi abe ngumholi walo.
“Inkinga, kukhona abangayizwa kahle indaba kaMzwandile. Bashaya amakhala nangokuthi kube negama elisha, bathi uNyazi luzokhonza kulona nomndeni walo kuphela ngoba kabazimisele ngokuyeka ukuba ngamaNazaretha. Siyabona ukuthi kakuselona ibandla lamaNazaretha leli njengoba uNyazi luhlongoza nokuqoka indodana yalo ukuthi ibe ngumholi ebandleni elisha, kanti ngokwenqubo yakwaShembe akaqokwa umholi ebe esaphila ohola ibandla,” kuqhuba umthombo.
Okhulumela abaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe useke wezwa kukhulunywa ngegama elisha kodwa akanasiqiniseko ngalo.
“Noma ngabe likhona igama elisha, kangiyiboni inkinga ngoba kuyenzeka ukuthi umuntu athole isibongo sakhe esemdala, ebe ekhule kwesinye. Nakulolu daba ngabe kwenzeke okufanayo. Engifuna ukukuqinisekisa wukuthi njengoba singamaNazaretha sabizelwa ebuNazaretheni, hhayi kwelinye ibandla.
“Ngisho inkosi iNyangayezulu nenkosi uThingo bangidonsa ngendlebe, bengitshela ukuthi angomela iqiniso. Bathi abantu bayongizonda ngokumela iqiniso kodwa ngingathuki ngoba oShembe bayobe benami. Bathi noma bengithuka bayobe bengathuki mina, bayobe bethuka uShembe uqobo,” kusho uMncwabe.
Okhulumela abaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa uthe bebengakezwa ngokuqanjwa kabusha kwebandla laseBuhleni.
“Noma singazi ukuthi lokho kuzobasiza ngani kodwa okwamanje thina sisanake indaba yomhlangano wokuya entabeni njengoba sinyukile. UJanuwari yinyanga ebalulekile kithina maNazaretha, okunye sizokubona uma sesibuyile,” kusho uMthethwa.