IKWAZULU-NATAL neMpumalanga yizona izifundazwe eziphoxile ngokungezi kahle ekulweni nobugebengu ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele, esithangamini sabezindaba eThekwini izolo.
UCele uthe uyancomeka umsebenzi wamaphoyisa wokulwa nobugebengu njengoba kuboshwe abantu abangu-84 000 ngesikhathi samaholidi.
“Wonke amaphoyisa abesebenza futhi nasemphakathini abebonakala. Lokho kusisizile ukuba sikwazi ukwehlisa isibalo sabantu ababulewe ngesikhathi samaholidi uma uqhathanisa namaholidi ango-2018. Zonke izifundazwe zisebenze kanzima zenza kahle ngaphandle kwe-KZN naseMpumalanga. Kusamele benze kangcono,” kusho uCele.
Ebuzwa ngokuthi inkinga ebhekene neKZN neMpumalanga iyiphi, akazange aphumele obala njengoba ethe izinombolo eziqondile ezithinta izibalo zobugebengu zisazovezelwa umphakathi.
“Akukho okuningi engingakusho ngaphandle kokuthi lezi zifundazwe, iKZN neMpumalanga, kulo mbandela obubekelwe zonke izifundazwe bona bahlulekile,” kusho uCele.
Ukhale kakhulu ngotshwala wathi yibona obunomthelela omkhulu wokuba kube nezigameko zobugebengu.
“Sihambele amabhishi sabuvala utshwala nesikholelwa wukuthi kulekelele ekutheni kwehle izigameko zobugebengu ngamaholidi.
Yingakho sivale namathaveni angekho emthethweni angu-6 124, kulawo angu-2 000 siwavale e-Eastern Cape,” kusho uCele.
Phakathi kwabantu ababoshiwe abangu-84 000, abangu-173 ababededelwe ngoshwele emajele.
Ababoshelwe ukushayela bephuzile babe ngu-24 827. Uthe lesi sibalo sikhule ngo-4 000 uma kuqhathaniswa namaholidi ka-2018.
Uthe kunezibhamu ezingekho emthethweni ezithathwe ngamaphoyisa ezingu 4831, ngesikhathi samaholidi.
Uthe zizohlolwa zonke ukuthi azikaze zisetshenziswe ekwenzeni amacala.
UCele uthe babopha abokufika kuleli abangenazo izimvume abangaphezu
kuka-223 ngesikhathi esingamahora amabili kuphela, olwandle.
“Kuyashaqisa ukuthi kukhona abantu abazihambelayo nje kuleli bengenamvume. Lokhu kumele sikunqande,” kusho uCele.
Uthe bayazi ngesimo sodlame lwamatekisi eKZN kanti basebenza kanzima ukuluxazulula. Uthe okuhle wukuthi bayabopha izinkabi nalabo abasuke bezithumile kwezinye izigameko.
UCele uncome amaphoyisa ashiya imindeni yawo yodwa ukuqinisekisa ukuthi ayasebenza ukuze izwe lizophepha.