BONISWA MOHALE
SEKUQUBUKE inkulumo-mpikiswano ezinkundleni zokuxhumana ngemali okufanele iholwe ngabasebenzi basezindlini.
Lokhu kuza emuva kokuthi ikhomishini yeNational Minimum Wage (NMW) iphakamise ukuthi abasebenzi basezindlini nabo baholelwe ngokohlelo lwayo okuphakanyiswe ukuthi ibe wuR23 kulo nyaka.
Le khomishini igqugquzele ukuthi abantu baphawule ngalokhu kungakadluli uJanuwari 14.
Ezinkundleni zokuxhumana abanabasebenzi basezindlini bebekhala ngokuthi ngeke bakwazi ukubaholela imali ecela kuR4 000 ikakhulukazi labo abahlala lapho besebenza khona.
Abanye bebethi uma umuntu engakwazi ukuholela umsebenzi wasendlini imali efanele, kungcono angabi naye.
UMnyango wezemiSebenzi uthe asikho isinqumo esesithathiwe ngokunyusa iNMW okwamanje njengoba ungqongqoshe kusafanele abheke imibono ethunyeliwe ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Abantu bazokwazi ngoMashi ukuthi iNMW izoba yimalini uma seyigazethiwe.
UMnuz Matthew Parks, okhulumela iCosatu ePhalamende, uthe kungakuhle uhulumeni asheshe aphasise ukuthi abasebenzi abahola kancane baqale ukuhola uR23 ngehora.
“Uma iNMW iba wuR23 kusho ukuthi kuzoba nomehluko empilweni yabasebenzi abangaphezu kuka-6 million abaholelwa ngokohlelo lwayo, iningi labo okungabantu besifazane. Kusho ukuthi kuzosizakala abasebenzi basezindlini abawu-892 000 nabo futhi okungabantu besifazane,” kusho uParks.
Uveze ukuthi njengamanje abasebenzi basezindlini bahola uR19.09 ngehora okusho ukuthi ngonyaka ozayo bazohola uR23 ngehora uma uhulumeni ephasisa lesi siphakamiso.
“Ngikholwa wukuthi okusele manje wukuthi uNgqongqoshe wezemiSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi, neKhomishini yeNational Minimum Wage bahlale phansi baqinisekise ukuthi lesi siphakamiso sikaR23 siyenzeka. Siyathemba ukuthi ngoMashi kuzomenyezelwa ukuthi iNMW izonyuka ibe wuR23. Lokhu kuzobasiza kakhulu abasebenzi basezindlini ukuba bathole iholo elingconywana,” kusho uParks.
Uveze ukuthi abasebenzi basezindlini basuke ekuholeni uR15 ngehora baya kuR19 ngehora njengoba sekunesiphakamiso sokuthi bahole uR23 ngehora.