LUHLALE obala uqhekeko kwiNFP ngoMgqibelo ngemuva kokuthi omunye wabaholi ethe usihlalo weqembu KwaZulu-Natal kusenguMnuz Vikizitha Mlotshwa. Kuthe engakaligwinyi bamngena emlonyeni baphikisana phambi kwabantu abebekhona.
UNkk Happy Khuzwayo utshele abezindaba ukuthi usihlalo wabo eKZN uMnuz Nhlanhla Khawula wathi ayikho into yokuthi uMlotshwa ungusihlalo.
UKhawula uthe eKZN abusekho ubuholi kodwa sekukhona ubuholi besikhashana bukazwelonke.
Uthe bonke ubuholi obabukhona baphelelwa yisikhathi ngemuva kokuthi inhlangano ingazange ibe nezingqungquthela.
“Ngisho umyalelo wenkantolo ukubeka kucace ukuthi bubodwa ubuholi beqembu obukhona, wuhlaka lwesikhashana lukazwelonke,” kusho uKhawula.
Isenzo sikaKhawula sibushiye buphoxekile ubuholi obebusingethe isithangami nabezindaba, kubalwa nomengameli weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
INFP ibizomemezela izinhlelo zayo njengoba ilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 8.
Ibamba lokhulumela iqembu kuzwelonke, uMnuz Simo Mkhwanazi, lithe iqembu labo lizokwethula umqulu walo wezethembiso zokhetho eVryheid ngoMashi 31.
“Uhlelo lokuphakamisa amagama abazomela iqembu luzoqala ngempelasonto ezayo,” kusho uMkhwanazi.
Okhulumela uNkk Magwaza-Msibi, uMnuz Cannan Mdletshe, uthe kulokhu iqembu ngeke lize liphakamise abantu abazofudumeza amabhentshi ePhalamende, abazolokhu beshaya izandla kuphela kodwa bazoqoka abantu abakwazi ukuphonsela amanye amaqembu inselelo.
Uthe bazokhetha abantu abazocubungula izinto okukhulunywa ngazo bese bebamba iqhaza kwizinkulumo-mpikiswano.
Ibamba likaMgcinimafa weqembu, uMnuz Emam Manzur Shaik, liwaqinise idolo amalungu lathi noma kanjani iqembu lizolungenela ukhetho.
“Imali yokungenela ukhetho ikhona, isizathu sokungalungeneli ngo-2016 kwakungekhona ukuthi imali yayingekho kodwa yinto eyenziwa ngamabomu,” kusho uShaik.
UMkhwanazi uthe bayabeseka abafundi ababhikishayo ezikhungweni zemfundo ephakeme ngoba balwela lokho abathenjiswa khona.
Unxuse onogada namaphoyisa ukuba bangasebenzisi indlakadla uma bebhekene nabafundi ababhikishayo.