KUPHENDUKE impikiswano ukuphekwa ngemibuzo kukaNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, nommeli wowayeyisikhulu sakwaSars, uMnuz Tom Moyane, u-Advocate Dali Mpofu, kwiKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yindlanzana izolo.
Kube nokuphendulana phakathi kukaGordhan noMpofu ngesikhathi emsola ngezimpendulo ezingaphelele nezingacacile emibuzweni yakhe.
Ngokusho kukaGordhan ukungahoshelani kwakhe noMoyane kwaqala ngesikhathi eqokwa esikhundleni ngo-2015. Wahlela umhlangano noMoyane ukuthola ulwazi ngokwakwenzeka kwaSars.
Kwakunohlelo olusha lokusebenza olwaluthulwe yinkampani iBain Consulting Agency.
UGordhan uthe uhlelo lwaholela ekutheni iSars ihluleke ukuqoqa intela. Kwaba neminyango eminingi eyavalwa eyayiqoqa intela. Kunabantu abaningi abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yohlelo lokusebenza.
UMpofu uhlokoloze ngemibuzo uGordhan ukuthi ukungahoshelani kwabo kwaqala nini, uGordhan uthe emuva nje kokuba aqokwe esikhundleni sokuba ngungqongqoshe.
UMpofu kusalindeleke aqhubeke ambuze ngezinsolo zokuthi uMoyane uyena ngqo owaholela ekutheni kusolwe ukuthi kukhona okwakungahambi kahle kwaSars okwakwenziwa uMoyane.
UMoyane uthe uGordhan wayemdlela umona njengoba ethi waba ngukhomishana wokuqala kwaSars ukuqoqa uR1 trillion wentela.
Uthe njengoba aqoqa le mali uGordhan akazange amhalalisele.