KUZE kube manje isagoloza ukuphuma esikhundleni iMeya yaseMkhanyakude eyakhishwa ngevoti lokungabethembi ubuholi bayo, uMnuz Solomon Mkhombo, ngenyanga eyedlule.
Lokhu sekushiye lo masipala okhungethwe izinkinga, unezimeya ezimbili njengoba noMnuz Tim Moodley, oyikhansela le-IFP, naye ethi uyimeya yalo mkhandlu.
UMoodley wakhethwa emhlanganweni okwakhishwa kuwo uMkhombo.
Le nsumansumane yezimeya ezimbili, kuthiwa idalwe ukungasheshi komlawuli, uMnuz Bamba Ndwandwe, ukuba aqinisekise isinqumo esathathwa emhlanganweni womkhandlu njengoba ayekhala ngokuthi kukhona imigomo engalandelwanga.
Kepha kuthiwa umbono wabameli otholwe umkhandlu uthe lomhlangano wawusemthethweni.
Isolezwe liputshuzelwe incwadi ebhalwe yimenenja yalo masipala, uMnuz Mxolisi Nkosi, lapho azisa khona abasebenzi ukuthi uMoodley nguyena imeya yomkhandlu.
Kule ncwadi ebhalwe ngoMsombuluko, uNkosi uveza ukuthi uNdwandwe usesiqinisekisile isinqumo somkhandlu sokukhipha uMkhombo.
Manje i-IFP ifuna umkhandlu uphuce uMkhombo izimoto zawo kanye neminye imihlomulo njengoba ithi akukho emthethweni ukuthi ayithole.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe uMkhombo kufanele amukele isinqumo somkhandlu.
“Sekuyinto eyejwayelekile ukuthi i-ANC ingafuni ukuhlonipha izinqumo zomkhandlu. UMkhombo kufanele amukele ukuthi akasesiyona imeya.”
Ethintwa uMkhombo, uthe akukho okusha asazokusho ngaphandle kwalokhu akusho phambilini ukuthi useyiyo imeya yalo masipala okhungethwe izinkinga njengoba usanda kufakwa ngaphansi kweso lomlawuli.
Okhulumela umasipala, uMnuz Mdu Dlamini, uthe uMoodley uye oyimeya yomkhandlu.
Uthe lokhu kuhambisana nombono wabameli okulindeleke ukuthi wethulwe emhlanganweni womkhandlu olandelayo.
Lo masipala ubhekene nezinkinga ezaholelwa ekutheni uhulumeni waKwaZulu-Natal, uthathe isinqumo sokuwufaka ngaphansi kweso lomlawuli.