UMENGAMELI waseMozambique uMnuz Filipe Nyusi uthi izwe lakhe limatasa lilungiselela ukulanda amakhulu abantu baseMozambique abaseNingizimu Afrika kulandela udlame olubhekiswe kwabokufika kuleli oluholele ekutheni abantu abangu-500 balahlekelwe ngamakhaya abo. Lokhu kuvezwe yisiteshi sezindaba esizimele saseMozambique iSTV Noticias.
INigeria nayo imemezele ukuthi bangaphezu kuka-600 abantu abalindele ukuhanjiswa yindiza ibasusa eNingizimu Afrika ibaphindisa ezweni labo. Lokhu kulandela umhlangano obubanjwe ongqongqoshe baseNingizimu Afrika ngoLwesibili lapho bebedingida ngokutheleka kwabantu bangaphandle ngokungemthetho kuleli.
Ungqongqoshe wezangangaphandle uMnuz Sibusiso Moyo wazise izintatheli eHarare ukuthi uhulumeni uhlela ukulanda abawu-171 eNingizimu Afrika, okubalwa kubo nezidumbu zababili.
"Uma sikhuluma ngokuqashwa kwabantu bokufika abangenawo amaphepha afanele okuba kuleli, sizoqinisa umthetho emabhizinisini azimele ephula umthetho wezemisebenzi kanye nomthetho ogunyaza abokufika. Umnyango wezaseKhaya, amaphoyisa kanye nomnyango wezemiSebenzi izokhuphula izinga lokuhlola ngabokufika," kusho ikomiti lezokuphepha ephalamende.
Izolo amaphoyisa aseNingizimu Afrika aveze ukuthi asebophe cishe abantu abangu-300 ngemva kokushona kwabanye abantu abahlanu ezigamekweni zakamumva zokuhlaselwa kwabantu bokufika. Kuvezwe ukuthi bangu-12 asebeshonile kulezi zigameko zakamuva, kanti kubo kushone abawu-10 bakuleli.
IGhana isiqinisekile ukuthi bathathu abantu bakhona abalimele kwaboshwa abahlanu, kanti iKenya ithi babili abantu bakhona ababulewe.
Inhloko yeNigerian in Diaspora Commission uMnuz Abike Dabiri usenxuse iNingizimu Afrika ukuthi inxephezele abantu abathintekile ezigamekweni zodlame, kanti lesi siphakamiso sesekwa nayiNigeria.