IQHUBEKA nokufeza amaphupho omsunguli ongasekho inkampani yezokwakha esinikezele amasheya kwabamnyama.
I-Motheo Construction Group, eyasungulwa nguDkt Thandi Ndlovu ngo-1998, isiveze ukuthi inikezele ngamasheya kwabayisishiyagalombili abangaphakathi enkampanini.
Kulesi sibalo kukhona nabesifazane ababili, okwenza isibalo sembokodo sifinyelele kwabayisikhombisa asebenamasheya kule nkampani.
UDkt Ndlovu owashona engozini yemoto eNorth West ngo-Agasti wonyaka odlule, ubaziwa ngokuba nentshisekelo yokuthuthukisa abamnyama kwezamabhizinisi, ikakhulukazi abesifazane.
Oyisikhulu esiphezulu senkampani, uNkk Lettie Mashau, uthe baqhubeka lapho kwagcina khona uDkt Ndlovu ngalokhu abakwenzile.
Uthe kunencwadi ekhuluma ngale nkampani, eyabhalwa ngumufi.
“Ngasekugcineni kwencwadi, uDkt Ndlovu waveza ukuthi sekuyisikhathi sokuthi kunikezwe isizukulwane esisha amathuba ukuze inkampani iye phambilini.
"Abaphathi benkampani abasele bazibophezela ukuthi bazokwenza njengokwezifiso zakhe. Sinentsha esineminyaka eminingi enkampanini ebicathuliswa, osekuyisikhathi sokuthi inikezwe amathuba,” kusho yena.
Uthe kulabo abanikezwe amasheya amasha kukhona abaneminyaka ephakathi kuka-27 no-33.
Uveze ukuthi abagcinile kodwa basazoqhubeka nokukhipha amanye amasheya, banikeze kakhulu abavele basenkampanini.
UNkk Mashau uveze nokuthi kunabasebenzi asebebadala enkampanini abazothatha umhlalaphansi maduze, nabo abazimisele ukunikezela amasheya abo entsheni.
“Selokhu yasungulwa inkampani yaziwa ngokuthuthukisa abanye osomabhizinisi. Sizimisele ukuqhubeka nalokhu esaziwa ngakho futhi ngeke sibavalele nabanye abangaphandle kwenkampani ukuthola amasheya. Okubalulekile okwamanje ukuthi sibheke ngaphakathi ngoba iMotheo iwumndeni omkhulu, “ kuchaza uNkk Mashau.
I-Motheo isinabanikazi bamasheya abamnyama abangu-13, afinyelela ku-51%. Kula masheya * -35% ngowabesifazane abamnyama no-16,5% wabesilisa. Umnotho wale nkampani kuthiwa usukhule ngo-32% eminyakeni emithathu ilandelana.
Njengoba izwe libhekane nobhubhane iCoronavirus elimaza namabhizinisi, uNkk Mashau uthe uR1.5billion womsebenzi abanawo uzobalekelela eminyakeni embalwa ezayo.
Uthe kumanje banomunye umsebenzi obalindile uma kuphela uthaqa, okusho ukuthi ibhizinisi ngeke liwe.
“Okuhle wukuthi abasebenzi bethu bazohola kule nyanga. Silinde isinqumo sikamengameli mayelana nothaqa bese senza ezinye izinhlelo. Sesivele sibacelile abasebenzi bethu ukuthi bathathe amalivu, sabafakela nesicelo sokukhokhelwa emalini yesikhwama sabangasebenzi. Uma welulwa uthaqa siyathemba ukuthi eminye imithetho izoxegiswa sikwazi ukusebenza. Sizobuyekeza nodaba lwamabhonasi okuphela konyaka kodwa siyakuqinisekisa ukuthi abekho abazolahlekelwa umsebenzi,” kusho uNkk Mashau.