UYISE kaSenzo Meyiwa ukhumbule imizuzu yokugcina ngaphambi kokuthi abulawe lo nozinti owayevimbela i-Orlando Pirates.
USam Meyiwa ubekhuluma izolo e-Onomo Hotel, eThekwini, emcimbini wokwethulwa kwemidlalo yokukhumbula uSenzo owabulawa ngokudutshulwa ngo-Okthoba 2014 eGoli, ekubo kanina wengane yakhe, uKelly Khumalo.
Imidlalo izokuba ngoJuni 9 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusukela ngo-10 ekuseni. Amathikithi azoqala ukudayisa ngoMsombuluko e-computicket. Abiza uR40.
Ngokusho kukaNtokozo Sikhakhane ongomunye wabahleli bale midlalo, inhloso wukuthi kuqoqwe imali ezosiza ekwenzeleni uSenzo umcimbi wokuvulwa kwetshe. Abaxhasi okwamanje yiNN Holdings, neNUZ Events. UMondli Sibisi weSibisilex Attorneys Inc uveze ukuthi basaxoxa nabanye abaxhasi futhi bayafisa i-Orlando Pirates ibe yingxenye kodwa kusakhulunywa.
Abafuna ukuphonsa itshe esivivaneni bavumelekile. UMeyiwa, obonge abafake isandla ngokuthi kukhunjulwe indodana yakhe, ulandise abezindaba ngokuthi uSenzo wayeyikhonze kangakanani iPirates.
“Imidlalo yakhe mina nomama wakhe besingayibuki ngesikhathi idlala. Kodwa bekuthi uma isidlalile ngiyibuke bese ngimthumelela umyalezo ngimtshela lapho okumele alungise khona. Ubengalali endleleni aphendule ngaso leso sikhathi, athi hhayi baba ngizokwenza njengoba usho.
“Njengokujwayelekile, ngomdlalo wakhe wokugcina ne-Ajax ngathi ngiwubuka kwangena umakhelwane wangitshela ukuthi sekonakele. Ngathi uma ngibuka ucingo lwami ngabona ukuthi uSenzo akakawuphenduli umyalezo wami okwakuyinto eyayingakaze yenzeke. Sasingazi ukuthi sesibuka into engasekho,” kulandisa uMeyiwa.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi kukhona okwakuzokwenzeka esezwa ngesimo sikaSenzo ngemuva komdlalo.
“Ngesikhathi sebeshintsha becula bejabula, yena wahamba wayozihlalela yedwa ekhoneni, wathula. Baze bamthinta sebehamba ukuthi, hhayi bo Senzo sesiyahamba. USenzo uhambe esekhushulelwe ekubeni ukaputeni weBafana naseqenjini lakhe. Akazange alithole ithuba lokubuyela ekhaya sizogubha naye base bayambulala. Kodwa uNkulunkulu ohlela ngendlela yakhe njengoba namhlanje silapha,” kusho uMeyiwa.
Unxuse abathandi bakanobhutshuzwayo ukuthi baphume ngobuningi bazokweseka imidlalo.
Umfowabo kaMeyiwa, uSifiso uthe: “ISenzo Meyiwa Foundation izosiza ekuvumbululeni ithalente nokubhekela inhlalakahle yabadlali. Ukunakekela umndeni, ikakhulukazi izingane zakhe.”
Imidlalo lena iyisiqalo sokuqokelela imali yesikhwama.
Kuthenjisiwe ukuthi ngosuku lwemidlalo kuzotheleka nezilomo zabadlali bePremier Soccer League nasebathatha umhlalaphansi. Phakathi kwabo kubalwe uHappy Jele, Lucky Lekgwathi, Siyabonga Sangweni noMbulelo Mabizela.
* Amaqembu azodlala
London Cosmos U/17 v Golden Arrows U/17
Santaco v Ukhozi FM
Gauteng Legends v KZN Legends
Senzo XI v Meyiwa XI (lamaqembu azokwakhiwa abadlali bePSL).