MBALI KHANYILE
UKHALA ngokudicilelwa kwesithunzi sawo umndeni waseZwelisha, eMtshezi, okusatshalaliswe i-video yesidumbu selungu lawo elishone ngeSonto ekuseni nebesiweliswa emfuleni obugcwele uchichima ngenxa yemvula, sihanjiswa emotweni ethwala izidumbu.
Lo mndeni uthi ukusabalala kwale video kubantu nokuvela kuyo isidumbu sikaNksz Thandekile Hadebe (63) oshonele ekhaya ngemuva kokuxinwa wukugula, kuyinkomba yokungabi nozwelo kubantu abayiqophile njengoba isitholakala cishe kuwo wonke umuntu oneselula.
UMnuz Siboniso Dubazane (26) oyindodana kamufi, uthe namanje basazibuza ukuthi kungani kube khona umuntu obe nesibindi sokuthi aqophe i-video esigcwele kubo bonke abantu ekubeni bebebhekene nosizi lokuwelisa unina wakhe oshonele kubo nobeweliswa emfuleni ngoba eyofakwa emotweni ethwala izidumbu nebihambisa isidumbu sakhe emakhazeni.
“Siphoxekile futhi izinhliziyo zethu zibuhlungu nge-video esisabalele yonke indawo. Kodwa-ke nathi akukho ebesingakwenza ekutheni abantu bangasiboni njengoba kuyiyo kuphela indlela ebesikwazi ukuyisebenzisa ngenkathi siwelisa umama,” kuchaza uDubazane.
Eqhuba uthe yize bekungelula ukuwelisa unina emfuleni akukho okunye abebengakwenza njengoba izimvula bezibamise kabi. Uthe ukuwela umfula iyona ndlela ebingcono kakhulu kunezinye izindlela ezisetshenziswayo endaweni.
Phakathi kwezinye zezindlela ezisetshenziswa ngamalungu omphakathi esigodini saseZwelisha, yindlela okuthiwa ingenela esigodini sakaWohloza nokubikwa ukuthi nayo ivamise ukuba nodaka oluxakayo uma kuna izimvula ezinamandla. Ilokishi elakhelene lanezi zigodi, iWembezi nayo okungenye yezindawo ezisetshenziswa ngabahamba ngezinyawo. Kuthiwa kugcwala imigulukudu kuyo nephoqa abantu abasuke bedlula ngendlela ukuthi bakhokhe oR50.
“Sekunesikhathi lilungiswa ibhuloho futhi akumnandi nhlobo ukungena emfuleni uma kunemvula enamandla. Siyafisa ngempela manje ukuthi nomasipala ungenelele ekulungisweni kwebhuloho osekuphele isikhathi lakhiwa futhi lingaqedwa,” kubeka uDubazane.
IMeya kaMasipala waseMtshezi, uNkk Jabulile Mbhele, ithe ibhuloho like lakhiwa ngaphambilini kodwa kwaphoqeleka ukuthi lisuswe, kwakhiwe elinye kabusha njengoba amanzi ayegcwala aze agamanxe phezu kwaleli elidala nelagcina lisusiwe.
“Nginalo ulwazi ngenkinga obhekene nayo umphakathi waseZwelisha futhi siyazwelana nawo njengoba uhlangabezana nenkinga uma kunezikhukhula. Okuhle wukuthi seziqalile izinhlelo zokwakhiwa kwalo (ibhuloho). Usonkontileka olakhayo kulindeleke ukuthi aqhubeke nalo maduze,” kusho imeya.