Izindaba

Iminingwane yababhubhe ebhanoyini eliphahlazekile

Zimbili Vilakazi|Published

Nksz Nqobile Biyela

Image: Facebook

Mnuz Lulama 'Lwazi' Msane

Image: Facebook

Mnuz Siphesihle Buthelezi

Image: Facebook

UWADEDELE izolo, uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, amagama abantu abasha abashone ngesikhathi kuphahlazeka indiza abebehamba ngayo ngaseGreytown, ngeSonto.

Kule ntsha kukhona uNksz Nqobile Biyela (23), Mnuz Lulama "Lwazi" Msane (23) noMnuz Siphesihle Buthelezi (20).

UMphathiswa walo mnyango, uMnuz Siboniso Duma, uthe bakushayela ihlombe ukuthi abeSouth Affican Civil Aviation Authority (SACAA), bamemezele ukuthi bazokwenza olwabo uphenyo ngokuphahlazeka kwendiza.

“Isimemezelo sokuthi umbiko ngalolu phenyo uzolunga esikhathini eziyizinsuku ezingu-30 ukusuka manje, kuzowathoba amanxeba emindeni,” kusho uDuma. 

Uthe lolu phiko luzokwenziwa uphiko lwe-Accident and Incident Investigation Division, ngaphansi kwe-SACAA. 

Uthe beyisifundazwe bazoyibuyekeza eyokubaluleka kokuxhumana ngokomoya, neyokusebenza komkhakha wezamabhanoyi esifundazweni.

Uthe umkhakha wezamabhanoyi ongomunye wemikhakha ebamba iqhaza ekuxhumaniseni umnotho wakuleli nalowo wamanye amazwe. 

Ebalula ezinye zezikhumulo uthe iDube Trade Port, King Shaka International Airport namanye afana ne-Oribi, Richards Bay, Umkhuze, Newcastle, Ulundi, Virginia, Margate naseLadysmith. 

Uveze ukuthi bewumnyango basalokhu beqhubeke njalo nokuxhumana nemindeni yabashonile.

“Kubuhlungu ukuthi ngenyanga yentsha, silahlekelwe imiphefumulo yentsha ebezimisele, ikhaliphile futhi kusalindeleke ukuthi ibe nekusasa eliqhakazile emkhakheni wezamabhanoyi kanjalo nowezempilo,” kusho uDuma.

Uthe ubuhlungu obuzwiwa abazali, imindeni, abangani kanjalo nozakwabo esikoleni kungelinganiswe, wathembisa ukuthi abomnyango wakhe bazoqhubeka nokuxhumana nemindeni, njengoba kuqhubeka izinhlelo zemingcwabo.

Uthe bayakholelwa nasekutheni ukuhlolwa kwezidumbu ngodokotela abaqeqeshelwe lokho kuzobaluleka ekudwebeni isithombe sokuthi balimale kanjani.

Umnyango uveze ukuthi imindeni ibingakathandi ukukhuluma nabezindaba.

Abafi bashone ngeSonto, ngesikhathi indiza ebebehamba ngayo iphahlazeka eGreytown.

Kuthiwa yayikade isuka esikhumulweni sezindiza iVirginia.

Kwavela ukuthi yehluleka ukufika esikhumulweni saseGreyitown, emva kokushintsha kwendlela yokuyofaka uphethroli esikhumuleni saseMnambithi.