NGEMUVA kweminyaka bekhonzela ekhaya abazalwane bebandla iBantu Methodist of Southern Africa, eBlaauwbosch eNewcatle, bathole ikhaya langunaphakade.
Inkonzo yokuvula ibandla ngokusemthethweni ibiholwa nguDkt Mark Dladla ongumengameli ka-16 ebandleni. UMbhishobhi Isaac Kate, wesifunda sasoGwini naye ubeyingxenye yomcimbi
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi kuvulwe ngokusemthethweni indlu yebandla eyakhiwe yimindeni emibili, owakwaMagwaza nowakwaNxumalo.
Ibandla lasungulwa ngo-1933, ngemva kokwehlukana phakathi kwezinhlanga ezimbili okubalwa abelungu nabamnyama ngenxa yezinto ezazingabathokozisi abamnyama.
Okhulume nephephandaba uNksz Dolly Nxumalo, oyindodakazi kaMnuz Obed noNkk MaryJane Nxumalo, abangasekho emhlabeni nabasungula ibandla, uthe bekubakhathaza ukukhonzela ekhaya ngenxa yokuthi yadilika indlu endala eyayakhiwe abazali. Wathi kubathathe iminyaka eyisikhombisa ukufika kuleli zinga lokuphela kwendlu yesonto.
"Sihlangene sonke siyizingane zakwaNxumalo nezingane zethu safaka imali yokuthi sivuse indlu yesonto, elaqalwa abazali bethu. Kwakungelula nakubona ngaleso sikhathi kodwa lasungulwa ibandla, isakhiwo esasikhona salimala ngoba sasingesihle. Sasontela ezikoleni laze labuyela ekhaya isonto. Besizama sihlanganisa yonke le minyaka eyisikhombisa ngoba siyivula manje indlu," kuchaza uNksz Nxumalo, ngokwakhiwa kwendlu yebandla.
Eqhuba uthe ukuba khona kwesonto endaweni kwenza umehluko ngoba yilapho abantu behlangana khona bakhulekele izinkinga. Ukwakhiwa kwendlu enkulu uthi ubona kuzokwenza umahluko kanti nabantu bazokukhuthalela ukudumisa uNkulunkulu. Ezintweni eziningi abezibekele zona nabefisa ziphumelele uNksz Nxumalo, uthe lena ibiseqhulwini.
"Noma singamadodakazi kodwa sesikhulile nathi singogogo manje kodwa izingane zethu ezisebenzayo ziyaseseka, bezifaka nesandla ukubona kuphumelela ukwakhiwa kwale ndlu. Engikujabulelayo ukuthi kuseduze nomgwaqo kuzokwenza kube lula nakubantu ukuthi bafinyelele esontweni," kusho uNksz Nxumalo.