Izindaba

Imile impilo kwabanenkinga yomazisi

Phili Mjoli|Published

UNKSZ Nonhlanhla Mpanza(36) waseMatigulu, eMandeni Izithombe: Zithunyelwe UNKSZ Nonhlanhla Mpanza(36) waseMatigulu, eMandeni Izithombe: Zithunyelwe

BABHUQUZA ekhaya abesifazane baseMandeni ‘abangumuntu oyedwa' osekuphele iminyaka engu-17 bezama ukulungisa inkinga yeminyaka kumazisi.

UNksz Nonhlanhla Mpanza (34) noNksz Nonhlanhla Patience Mpanza (36) bashaya omazisi ehhovisi eliseMandeni ngo2002. Awuzange ubuye umazisi kaNonhlanhla (34), okaNonhlanhla (36) wabuya inamba yosuku lokuzalwa ikhomba ukuthi uneminyaka engaphansi ngemibili. Uthi wabatshela ehhovisi lezasekhaya ukuthi imininingwane ekuwo akuyona eyakhe bathi akulona iphutha labo ngelasePitoli. Bathi akawusebenzise ngoba umehluko muncane. Isitifiketi sikamatric saphuma sikhomba ukuthi oka1982 kodwa umazisi ukhomba ukuthi oka1985.

Ngonyaka olandelayo wayofunda iHuman Resource Management, eMangosuthu University of Technology (MUT) waphothula ngo-2007. IDiploma yabanjwa kuthiwa akalethe umazisi onemininingwane efana nesesitifiketini sikamatric, namanje isahleli khona ngoba umazisi awuphumi.

UNonhlanhla (34) akazange emukelwe Ongoye befuna umazisi ngo-2007.

Zombili lezi zintokazi zakwaMpanza ezingahlobene zinezingane.

UNKSZ Nonhlanhla Mpanza (34)

“Nganginengcindezi yokuthi ingane yami yayingemukelwa ezikoleni, ngasebenzisa wona lo mazisi yize ngazi ukuthi unemininingwane ephambene ukuze ingane yami ibe nesitifiketi,” kusho yena.

Ngeshwa isenzo sakhe senza izinto zaba nzima ‘eweleni’ lakhe elingasakwazi ukwenzela izingane izitifiketi.

“Ngo-2015 sobabili saya emnyangweni wezasekhaya eStanger siyolungisa. Sekuphele iminyaka emithathu sifona kuthiwa udaba lusacutshungulwa. Umazisi enginawo awungisizi, sengilahle ithemba,” kusho uNonhlanhla.

UMnuz David Hlabane okhulumela umnyango wezasekhaya uthe lolu daba uluthumele ophikweni olufanele oluzoluphenya.