UNKK Zandile Sitsheke Isithombe: SITHUNYELWE
BADLINZELA umngani, ngokunyamalala kowesifazane okuthiwa ubesanda kuphunyelwa yisamba semali esikhwameni sesinxephezelo sezingozi zomgwaqo, osekuphele isonto engaziwa.
UNkk Zandile Sitsheke (40) ohlala eRichview eMayville ongowokudabuka eMbizana esifundazweni i-Eastern Cape, kuthiwa ugcine ukubonwa ngoLwesine ephikelele esikoleni sokufundela ukushayela. Kuthiwa bekungakapheli nezinyanga ezimbili ephunyelwe yisamba esithile esikhwameni se-Road Accident Fund, ayithole emva kokufa komyeni wakhe okuthiwa washona engozini yomgwaqo ngo-2017.
Indodakazi kaNkk Sitsheke, uNksz Vuyokazi Mboyi, ithe namanje basamangele ukuthi unina ukuliphi izwe kodwa bakholwa ukuthi kukhona okumvelele kwazise akakaze angabuya ekhaya futhi akaphuzi akabhemi, akazihambi nezindawo zobumnandi.
“Umama uwumuntu oya emsebenzini abuye, futhi uma kwenzekile efike emva kwesikhathi kusuke kuzoba yihora lesikhombisa, nakhona uyafona asitshele ukuthi ubambezelekile. Ngesikhathi enyamalala wayengayile emsebenzini, sahambisana naye eya edolobheni eThekwini. Sahlukana emgwaqweni u-Grey ngiyogibela yena ewumuntu osaya esikoleni sokufundela ukushayela kwaba ukumgcina kwami,” kusho uNksz Mboyi.
Uthe ngesikhathi efika ekhaya, ubone kushaya ihora lesihlanu engabuyi ekhaya, wazama ukumfonela kodwa ucingo lwakhe bese lungangeni, nokuyilapho enqume ukuyobika ngokulahleka kwakhe emaphoyiseni. Uveze ukuthi unina ubenomngani oyedwa abebexoxa naye izinto eziningi ukholwa ukuthi kungenzeka ukuthi umxoxelile ngokuphunyelwa kwakhe yile mali, wase emholela ophathe.
“Umngani kamama usebenzela emgwaqweni uGrey udayisa okuthile khona. Ngakusasa sivukele khona lapho esebenzela khona, sasiyombuza ukuthi akazange ambone yini, wasitshela ukuthi babonene kodwa ubedlula nje, abaxoxanga kakhulu, wasikhombisa umgwaqo oyiphaseji athi ugcine ukumbona engena kuwo. Ngesikhathi ehamba, ubephethe amakhadi asebhange nomazisi wakhe, kuwumuntu obezodlula athenge ukudla abezokuphathisela abasekhaya ezimotweni eziya e-Eastern Cape,” usho kanje.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta umngani kaNkk Sitsheke igama lakhe eligodliwe ukumvikela, ukuqinisekisile ukuthi ubonene naye ngoLwesine.
“Ujwayele ukudlula kimi njalo uma ephuma emsebenzini ngoba ngidayisa lapha endleleni, sizixoxele. Nangalo uLwesine udlulile wangitshela ukuthi uya esikoleni sokufundela ukushayela, nganganaka ngoba sihlale sixoxa vele uma edlula,” usho kanje.
Uthe ubengakaze amxoxele ukuthi kukhona imali emphumele, nokunyamalala kwakhe uqale ukuzwa ngakho uma esefonelwa yizingane zakhe ngoLwesihlanu zimazisa ukuthi akazange abuye ekhaya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseThekwini aphenya ngokunyamalala komuntu.
Related Topics: