INKANTOLO eNkulu eMgungundlovu ibe nemibuzo yokuthi ngabe labo abaphikisa ukuqokwa kweSilo, uMisuzulu kaZwelithini, banalo yini ilungelo lokumisa ukugcotshwa kweSilo.
Izolo inkantolo ipheke ngebhodwe elincane abamele abaNtwana uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma, abafuna ukuba kumiswe ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo, kuze kube ikhipha isinqumo ecaleni lapho bephonsela inselelo incwadi yefa eyashiywa yiSilo esisanda kukhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Kuleli cala abaNtwana abasola kulo ukuthi kwakokotelwa ukusayina kukaMdlokombane encwadini yefa, lizothethwa eceleni.
Inkantolo ifune ukwazi ukuthi ngabe la mazinyane kaMdlokombane analo yini ilungelo lokumisa ukugcotshwa kweSilo.
IJaji Isaac Madondo, lifune ukwazi ukuthi njengoba laba baNtwana bengasigaqele lesi sikhundla, yini ebanikeza ilungelo lokumisa ukugcotshwa kweSilo.
"Emaphepheni abo asenkantolo akukho futhi nalapho beveza khona ukuthi ngubani okufanele angene esihlalweni sobukhosi. Akukho lapho beveza khona ukuthi bona kuzobalimaza kuphi ukugcotshwa kweSilo."
UMadondo uthe akubukeki kukhona umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu njengamanje njengoba noMntwana uSimakade Zulu, igama lakhe elivelayo embangweni wesihlalo, engakaze aphumele obala asho ukuthi uyasifuna lesi sikhundla.
UMadondo uphinde waba nombuzo wokuthi uMntwana uSimakade angasifuna ngaliphi lesi sikhundla, emva kokuba ezwile ukuthi uzalwa ngaphandle komshado.
UMadondo uphinde waba nemibuzo ngokuthi icala elithinta incwadi yefa, eyashiywa nguMdlokombane ihlangana kuphi nombango wesihlalo sobukhosi.
UMadondo uthe iSilo esikhona kasizange siqokwe yile ncwadi yefa ebangwayo.
Le ncwadi yayiphakamisa iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, ukuba abambe ubukhosi bukaZulu.
Uphinde wafisa ukwazi ukuthi lolu hlangothi oluphikisa ukuqokwa kweSilo luthini ngosiko oluthi iNdlovukazi elotsholwe yisizwe iyona ezala iSilo.
Abamele iSilo bavele bahlala phezu kwale mibuzo ebuzwe yijaji, ukucela ukuba kuchithwe lesi sicelo.
Omele iSilo, u-Advocate Griffiths Madonsela, uthe okunye okuxakayo wukuthi omunye wabafake icala, wakweseka ukuqokwa kweNdlovukazi njengebamba bukhosi.
UMadonsela ufunde ingxenye yamaminithi omhlangano waseNdlunkulu, lapho uMntwana uNtombizosuthu akweseka khona ukuqokwa kweNdlovukazi njengebamba bukhosi.
Ngaleso sikhathi abanye abaNtwana babephakamisa igama loMntwana uMbonisi Zulu, ukuba abambe ubukhosi.
UMntwana uNtombizosuthu ungomunye walabo abaphakamisa ukuba kubambe iNdlovukazi kulesi sihlalo, esekela lokho ngokuthi usiko luyakuvuna lokhu.
Omele abafake icala, u-Advocate Nigel Redman, ukuvikele ukweseka kukaMntwana uNtombizosuthu ekuqokweni kweNdlovukazi njengebamba bukhosi.
Uthe ngaleso sikhathi zazingakabi bikho izinsolo zokuthi kukokoteliwe ukusayina kukaMdlokombane kule ncwadi.
"Yena wayezitshela ukuthi uhlonipha izifiso zeSilo esisanda kukhothama. Wayengazi ukuthi kanti kukokoteliwe ukusayina kweSilo."
Uphinde wathi abafake icala banalo ilungelo lokumisa ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo.
"Njengamalungu omndeni banalo ilungelo lokuqoka ozongena esihlalweni."
Inkantolo isigodlele usuku olungaziwa isinqumo.
Abeseka ukuqokwa kweSilo bazwakalise ukuba nethemba lokuthi inkantolo izokhipha isinqumo esizovuna bona.
UMntwana uThulani Zulu, uzwakalise ukuzethemba izethulo ezenziwe ngabameli beSilo enkantolo.
Uthe unethemba lokuthi inkantolo angeke ithathe isikhathi eside ukuthi ikhiphe isinqumo.
Ngaphandle kwenkantolo, amabutho kanye nezintombi bebeviliyela.
Bathembise ukuqhubeka nokweseka iSilo.
Unobhala wenhlangano yamakhosi i-Organisation of Indeginous Leaders of SA, Inkosi Thanda Mzimela, ithe bona bayasazi iSilo.
Ekuseni inkantolo ichithe isicelo sikaNdlunkulu wokuqala kaMdlokombane, uSibongile Dlamini Zulu, obefuna ukuchibiyela amaphepha akhe asenkantolo.
Esicelweni sakhe, uNdlunkulu ubefuna ukuba ithathwe njengengekho emthethweni imishado yabanye oNdlunkulu bakaMdlokombane.
Lesicelo sichithiwe.
Inkantolo ayizange isikhiphe isinqumo esicelweni sakhe sokuba athole uhhafu wamafa kaMdlokombane.