Libanjwe ehostela isoka elimnyamalale kutholakala isidumbu sentombi
Image: Sigciniwe
KUSOLWA isoka ngesidumbu sowesifazane esitholakale sigqitshiwe ngemuva kwendlu yesoka abethandana nalo, eThembeni, eMandeni.
Kuvela ukuthi isidumbu sikamufi uNksz Snenhlanhla Ngubane (26) sitholakale sigqitshiwe ngemuva kwegceke lesoka lakhe okuvela ukuthi lona bese ligcwele amathafa.
Kuvela ukuthi isidumbu sikamufi esitholakale ngoLwesithathu besingenawo amanxeba kodwa besimbozwe ngamahlamvu nangengubo yokulala. Umfowabo kamufi, uMnuz Cebo Ngubane, ukhale ngesihluku sokubulawa kukadadewabo.
Uthe kubaphathe kabi kakhulu ukubulawa kukadadewabo ngesihluku esinjena.
"Namanje akukavumi ukuba sikholwe ukuthi ingane yakwethu ibulawe ngaleya ndlela. Ibuhlungu kakhulu le nto eyenziwe kumuntu wesifazane. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi kwenzekeni nokuthi kungani aze abulawe ngaleya ndlela futhi ubekade enzeni kubani,'' kubalisa uNgubane. Ligcine litholakala isoka libhace ehostela KwaMashu.
UNgubane veze ukuthi kutholakala isidumbu nje, udadewabo ubekade ehambe ekhaya ngoLwesibili kwathi uma sebezama ukumshayela ucingo, belungasangeni.
Uthe bebemshayela ucingo ngoba beqaphela ukuthi seliyoshona ilanga kodwa akabuyi ekhaya. Uthe kukhona abantu abambonile udadewabo ehamba nesoka lakhe njengoba esetholakala eseyisidumbu nje. Uveze ukuthi owesilisa ongumsolwa uyaziwa endaweni.
Uthe njengomndeni bafuna ukubona ubulungiswa benzeka ngokubulawa kukadadewabo. Kuvela ukuthi isoka lihambile laqoqa izimpahla zalo.
Ikhansela lakule ndawo, uNksz Lungile Mthembu, likhale ngesihluku esikhulu esikhonjiswe yisoka.
UNksz Mthembu uthe bakhathazekile kakhulu ngokuthi kunabantu abacabanga ukumane babulale umuntu wesifazane ngoba nakhu sekukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwabo. Uthe endaweni bayakweshwama lokhu okwenzekile, abakaze bakubone.
''Le nto isihlukumezile kakhulu yangagcina lapho yasishiya nenqwaba yemibuzo engenazimpendulo,'' usho kanjena.
Eqhuba uthe ukholwa ukuthi isoka bakhona abanye ebebelilekelela. "Angeke umuntu oyedwa aze akwazi ukumba umgodi aphinde afake isidumbu kalula. Kumele batholakale nalaba abanye,''usho kanjena.
Ikhansela lithe kukhona okumele kwenziwe ngenhloso yokunqanda isihlava sokubulawa kwabesifazane ngabesilisa abathandana nabo.
''Kuyacaca ukuthi izingane zethu zamantombazane kumele ziqaphele kakhulu uma zijola nabafana ngoba kuyacaca ukuthi zisuke zingaphephile nje nhlobo,'' usho kanjena.
Liphethe ngokuthi izingane zabafana kumele zifundiswe ukwamukela uma zaliwa ngamantombazane.
"Inkinga iqala uma owesilisa engasafuni ukwaliwa. Kanti kumele bazi ukuthi akukho okungenziwa uma ucu lungasahlangani."