SIGCINA sishonile esibhedlela isitshudeni (19) okuthiwa siziphonse ebhulohweni emgwaqweni u-N3.
Umndeni ka-Andile Meyiwa, waKwaGcwensa, eMbo, eHillcrest, uthe kawazi ukuthi yini eholele ekufeni kukamufi.
Kuthiwa ngoLwesihlanu isitshudeni sahamba ekhaya nabangani beyofuna isikhala esikhungweni semfundo ephakeme.
U-Andile ubevele efunda unyaka wokuqala enza izifundo ze-Social Science eNyunivesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).
Ubephelezela abangani bakhe, ababeyofuna isikhala.
U-Andile utholwe esaphila ebhulohweni ngoLwesihlanu, waphuthunyiswa esibhedlela kodwa wafike washonela khona.
Unina omncane, uNksz Nonkululeko Meyiwa, uthe abazi kwenzekani.
“Kuthiwa uziphonse ebhulohweni, akanalutho, akalimele akaphukile. Asizikholwa izinto okuthiwa zenzekile. Sifuna iqiniso. Okusidida kakhulu wukuthi ziningi izinto ebezikhulunywa kodwa thina siwumndeni asazi ukuthi kwenzekani ngempela,” kusho uNksz Meyiwa.
Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi sekugcwele ezinkundleni zokuxhumana izinto eziningi ngokuthi ushone kanjani. Okunye okuvelile wukuthi uphoswe yisoka lakhe, nokuthi ubephuze kakhulu utshwala wabe esewa.
“Besingakawazisi nomndeni ngokushona kwakhe kodwa sekugcwele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kwenzekeni. Kusiphoxile kakhulu lokho siwumndeni,” kusho uNksz Meyiwa.
Uthe bashonelwe kodwa sebephinde bahlukunyezwa yindlela udaba oselusabalale ngayo.
“Amantombazane amabili abehamba no-Andile amcela ukuba ayobabhekisa isikhala sokufunda. Kuthe esevelelwe yinkinga angasithinta thina siwumndeni. Nokwenza sisale singazi ukuthi kwenzekani,” kusho uNksz Meyiwa.
Uthe bebengazi ukuthi umufi ubesenesoka kodwa emuva kwesehlo libe selifika.
Libatshele ukuthi umufi walifonela ukuba limlande e-toll gate.
Umufi kuthiwa uphonseke ngabo-8 ebusuku.
Ngokuthola komndeni babesuka eThekwini sebebuyela ekhaya.
Akwaziwa ukuthi kungani baze bafika ngakuleli bhuloho kodwa izinsolo zithi babekade becele ukugitsheliswa umuntu owabashiya ku-N3.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa avule idokodo ngokushona komuntu, ayaphenya.
Umndeni unxuse ukuba amaphoyisa aphenyisise ukuze ulazi iqiniso.