OWAYENGUNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Des van Rooyen, ubhekane nemibuzo enzima kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yindlazana ngokuqoka abeluleki ababili esanda kuqokwa kulesi sikhundla ngoDisemba 2015.
UVan Rooyen, ubefakaza izolo.
Imibuzo eminingi abhekane nayo ibisuselwa kubufakazi bowayengumqondisi kulo mnyango uMnuz Lungisa Fuzile, ofakaze ngo-2018 kule khomishini.
UFuzile wathi uVan Rooyen wafika esehamba nabeluleki abamataniswa nomndeni wakwaGupta oMnuz Mohamed Bobat no-Ian Whitely.
Wathi babenza sengathi bamphethe futhi begxambukela emsebenzini wakhe omunye wabo waze wathatha umqulu owawunolwazi olubucayi, wawukhombisa abanye abantu. Kuthiwa omunye owanikezwa umqulu nguMnuz
Eric Wood, wenkampani iTrillian Capital, emataniswa nabakwaGupta.
UVan Rooyen waba kulesi sikhundla izinsuku ezine kuphela wasuswa ngoDisemba 13, 2015, kwafakwa uMnuz Pravin Gordhan.
UVan Rooyen, ubuzwe ngokuqoka uMnuz Mohamed Bobat, owayesebenza nabakwaGupta, uFuzile owaveza nokuthi kwakungathi kabazani nhlobo.
UVan Rooyen, ukuphikile lokhu wathi benoBobat bayazana kusukela ngo-2009, wathi uBobat wamsiza ngezifundo zakhe ngesikhathi eqokwa ukuthi abe yimeya yaseMerafong wabona ukuthi angakwazi ukumlekelela.
UVan Rooyen, kuthiwa wamqoka engakabheki neCV yakhe. Lokhu kukhathaze uSihlalo wekhomishini iJaji uRaymond Zondo.
UVan Rooyen, kuthiwa wenza okufanayo eqoka uWhitely ayengamazi kodwa wabonana naye okokuqala emhlanganweni owawuseMelrose Arch ngoDisemba 2015.
UZondo uthe ukuqokwa kwabantu engazi lutho ngabo, engabahlolisisanga kuyamkhathaza.
UVan Rooyen uzivikele ngokuthi wayengenaso isikhathi esanele ngoba wayenengcindezi yokuba aqale ukusebenza ngokushesha kulesi sikhundla.
Uthe wayezobuye ababhekisise.
“Uhlelo lokubaqasha lwalungaphelele. Okwangichaza engakubona kumaCV abo,” kusho uVan Rooyen.
UVan Rooyen uchaze ukuthi baba nomhlangano noMnuz Rajesh “Tony” Gupta, ngesikhathi engumgcinimafa womakadebona be-ANC ngo-Okthoba 2015.
Uthe abakwaGupta banikela ngoR1 million emcimbini weMKMVA wegalofu ngo-2016 nango-2017. UVan Rooyen uphothulile ubufakazi bakhe izolo.
– ANA