Izindaba

Imibuzo emaphareni abephila nawo etholakala 'ecwiyiwe'

Zimbili Vilakazi|Published

Umndeni ufuna iqiniso ngokufa kowayehlala namaPhara

Image: SAPS

UFUNA achaze kabanzi amaphara abephila naye, umndeni wowesifazane wakwesaKwaBiyela, eBhukhanana, kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sicwiyiwe ngoLwesibili.

UNksz Dumisile Xulu (29) kuthiwa utholwa ebulewe nje, bese kuphele cishe amasonto amabili, izihlobo zakhe zagcina ukumbona ephila. Isihlobo, uMnuz Sifiso Biyela, silandisa ngesehlakalo, sithe esinye isihlobo sithole ucingo kumuntu ongaziwa, ethi akuphuthunywe emaphoyiseni aseMpangeni, kumayelana noDumisile.

"Ngempela kusukunyelwe phezulu, kwanikelwa khona. Amaphoyisa afike asitshela ukuthi utholwe edindilizile ngakujantshi wesiteshi sesitimela eMpangeni," kusho uBiyela.

Uthe kule ndawo okutholwe kuyo isidumbu sikamufi ayivamisile ukuhamba muntu, njengoba kwasona isiteshi sesitimela singasasebenzi.

"Indawo nje enamahlathi. Abantu esiye sibabone benokudlula ngakhona onogada abaqaphe indawo," kusho uBiyela.

Uthe abakuqaphele ukuthi isidumbu sakhe bese sithanda ukonakala kodwa kukhombisa ukuthi ulinyaziwe emqaleni.

"Akubukeki sengathi ubebulawe ngalo uLwesibili. Cishe bese kunezinsukwana ebulewe kodwa esikuqaphelile ukuthi ubenenxeba elivulekile emqaleni, elikhombisa ukuthi unqunyiwe," kusho uBiyela.

Uthe nakuba kukhona izinsolo zokuthi ucwiywe ulimi nesitho sangasese kodwa basalinde umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu ukuze ukuqinisekise lokhu, wathi okubadidile ngesikhathi sebeya kule ndawo okuthiwa kutholwe kuyo isidumbu, yisenzo samaphara avele abanika isikhwama sikamufi.

"Sithe uma siwabuza ukuthi umnikazi wesikhwama uphi, athi ubulewe. Sithe uma sesiwabuzisisa ukuthi ubulawe ubani, avele asincisha amehlo," kuchaza uBiyela.

Uthe lokhu kubashiye nemibuzo eminingi njengokuthi, sifike kanjani isikhwama sikamufi kuwona njengoba isidumbu sakhe sitholwe endaweni ethe ukuqhela nala avamise ukuhlala khona? "Njengoba isikhwama sakhe sikubona, sifike kanjani? Bamgcine nini ephila? Kungani besincisha amehlo uma sibabuza ngokubulawa kwakhe," kubuza uBiyela.

Uthe lolu lwazi balwedlulisele emaphoyiseni ngenhloso yokuthi azokwenza okuthile ngalo.

"Kukhona akwaziyo, kukhona akufihlayo," kugcizelela uBiyela othe mhlawumbe kwasuka ingxabano phakathi kwabo, base eyambulala.

Echaza umufi, uthe ubengumuntu obuye abuye eze ekhaya, kokunye azihlalele khona lapho ngasesiteshini sesitimela.

Uthe nakuba bengeke bazi ukuthi ubezisebenzisa yini izidakamizwa kodwa abanesiqiniseko sakho ukuthi ubezishayela izinkamba zikaFaro.

Uveze ukuthi ubenezingane ezintathu, ezineminyaka ephakathi konyaka owodwa neminyaka engu-13.

Ikhansela lendawo, uMnuz Silili Msimango, lithe sibashaqisile lesi sigameko.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphendulanga.