MHLELI: Kwelakho elethembekile ngicela ungishicilele nalu udaba lwami ebese uyangifihla ukuvikela isithunzi sami nengane yami.
Nginengane efunda eMlazi Comtech High yentombazane. Ifunda uGrade 9. Sinenkinga ngothisha abathi ushaya izingane azishaye ezinqeni ngisho namabele imbala.
Uma sifonela esikoleni izingcingo azibanjwa kwesinye isikhathi alungeni. Lo thisha uma eshaya izingane zethu uyazitshela ukuthi uma yena ephelelwa ngumsebenzi noma eboshwa, nazo kuyomele zithuthe nabazali bazo. Indodakazi yami ayisaneme neze kulesi sikole.
Ngangimfake eComtech ngenxa yegalelo lesikole kodwa muva nje izingane ziyafeyila neziphasayo ziphasa ngengcacamezela. Uma ubheka amamaki akaGrade 9 noGrade 8 uyabona ukuthi akuyona ingane yakho ehlulekayo kodwa ngothisha uqobo.
Eyami ingane ngiyayilekelela uma ilungiselela ukubhala ngiyisethele izivivinyo kodwa ivele ibuye nephepha ingenazo lezi zinto ezisemanothini.
Ngabe le nto isho ukuthini ngempela ngoba phela siyakhokha hhayi kancane kodwa amalungelo ezingane zethu awabhekelelwa.
Ngisho uthishomkhulu akasiniki izimpendulo emihlanganweni.
Siyacela uMnyango wezeMfundo ophethwe nguNgqongqoshe uMthandeni Dlungwane usisize ungenelele ikakhulukazi kwelokuhlukunyezwa kwezingane zethu.
Asizele izimbongolo sizele abantu nathi bakwethu.
Umuntu kufanele enze lokho ayokuthanda uma kwenziwa enganeni yakhe.
Umzali okhathazekile