MHLELI: Ngithi ake ngidlulise ukukhathazeka kwethu lapha eGoli ngale nkampani kahulumeni ethutha umphakathi, iPassenger Rail of South Africa (Prasa).
Hhayi ixakile manje sengibona sengathi ifuna sonke siphelelwe yimisebenzi ngendlela esihambisa ngakhona. Ungafunga ukuthi ithwele abavakashi hhayi abasebenzi.
Ziyafa lezi zitimela, zime endleni zivimbelane. Kodwa okuxakayo kukhona lena ebizwa ngeBussiness Express. Iyahamba kumiswe lezi zethu thina esingelutho, kuhanjiswe yona siyovinjwa phambili emsebenzini. Kuthi ufike kahle ugcine usufika sekudlule isikhathi. Uhulumeni noDkt Blade Nzimande awubezwa bekhuluma ngalokhu. Kodwa ngeSouth African Airways (SAA) kwakukhulunywa imini nobusuku ngoba kuyinkampani abandiza ngayo uma sebeyodla imali zabakhokhi bentela, babaholela amakinati babaphuce.
Asinamali, sithembele kwezokuthutha umphakathi. Abasukumele le nto njengoba benza kwiSAA . IPrasa iqede le nto yokuvalela izitimela amahora eMayfair.
Sobhekiwe Mtungwa
ESOWETO