MHLELI: Uma ungomunye wabantu abagibela izitimela futhi uhlala eNingizimu yeTheku, uzolwazi lolu daba uphinde uvumelane nami. Sekunezikhawu impela kunezikhalo ngale nkinga yezitimela okubukeka sengathi uPrasa akazimisele ngokuyilungisa.
Okokuqala izitimela azifiki ngesikhathi eziteshini.
Uma kusheshe kwamenyezelwa uyozwa kuthiwa isitimela sifile sisakhandwa noma kunenkinga yamandla kagesi. Kwesinye isikhathi uzwe kuthiwa isitimela esithize sihoxisiwe kodwa bangasisho isizathu salokho.
Uma sigcine sifika kuyenzeka singene endaweni engajwayele ukuthi singene kuyo.
Lapho ububhudubhudu obenzekayo abanye beqa nolayini wesitimela bajahe emakhaya kwazise basuke sebelinde eside isikhathi.
Uma sesihamba kuyenzeka kuphele amahora amabili nangaphezulu, isibonelo sisuka eBerea siya eMkhomazi. Lokhu kungenxa yokuthi sihamba sima yonke indlela le.
Kuzoba yisimo esifanayo nasekuseni. Lapho abantu bajahe emsebenzini kumane kumenyezelwe ngenkinga kagesi. Kuvamise ukuba le nkinga kagesi ibe phakathi koMkhomazi ne-Ilfracombe, kolunye usuku kube phakathi kwe-Ilfracombe noMgababa. Umbuzo uthi kanti le nto yalo gesi wesitimela uyolunga mhla kubusa yiphi inkosi? Ziphi izitimela ezintsha?
Kwazona lezi zitimela esihamba ngazo, ubonga ufikile ekhaya ngoba iningi lazo zindala.
Ngibuye ngibagxeke nabantu abathukuthelela ezitimeleni ngoba ezinye azinamawindi, izicabha kazivaleki, abantu baqhuqhwa amakhaza ekuseni kubanda.
Asithi siyilwa le mpi kodwa singazilimazi izitimela. Kungenzeka nakweminye imizila banezinkinga ezithi azifane nezasoGwini oluseNingizimu kodwa ngithi angigxile kakhulu kubona engiwusebenzisayo nami enginobufakazi balezinto engikhuluma ngazo.
Ngoba lolu daba luyinkinga engalungiseki, siyamcela uhulumeni wethu angenelele kungaze kudaleke nenhlekelele kulo mzila.
Kungabe kwaphelelaphi ukuthi uma kungusuku lwangeSonto kusebenze amabhasi ebese kulungiswa kuhlolisiswe nolayini wesitimela? Nazo lezi zintambo zikagesi sezindala kula masonto edlule intambo ilimele, impendulo eyatholakala kwaba ngukuthi kusuke kwadlula iguzu, yaphinda yaphazanyiswa imeyili.
Okubuhlungu baningi abantu abaphelelwa amatoho abanye bahola imali engaphelele ngenxa yokufika ngemva kwesikhathi emsebenzini. Le sekuyinsakavukela.
Ngiyafisa uPrasa ake azame ukuba nesikhathi noma kanye ngesonto emsakazweni ukuze sikwazi ukuxhumana naye kulalele izwe, libone ngezinkinga zethu.
Mfanafuthi Khuzwayo
EMKHOMAZI