MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngifisa ukuzwakalisa ukukhathazeka kwami ngodaba lokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ikakhulukazi ezindaweni zomsebenzi ezehlukahlukene. Mina ngiyawukhahlela ngiwugxeke ngayo yonke indlela lo mkhuba ngoba mubi awufuneki.
Ikakhulukazi le mikhuba yenziwa ngabantu abaphethe izikhundla eziphezulu bethole ithuba lokuhlukumeza abantu okumele ngabe bayahlonishwa ngoba isikhathi esiningi abakwazi ukuzivikela.
Lo mkhuba wandile kakhulu futhi emnyangweni wezemfundo. Uthola ukuthi abahloli noma othishanhloko nabaphathi bezemfundo uma umuntu kungowesifazane ehluphekile efuna umsebenzi emnyangweni, ikakhulukazi kothisha, umphathi abe esefuna kuqale kudlulwe ocansini ngaphambi kokumfaka emsebenzini.
Nakuba kungeyibo bonke abenza lo mkhuba ngiyakuqonda lokho kodwa akhona la mazambane abolisa isaka lonke.
Ma-Afrika amahle, mubi lo mkhuba asiwuyeke. Kungihlabe umxhwele ukubona indoda efana noRobert Marawa iphumela obala ilwa nenhlava embi kangaka. Kunezinsolo zokuthi ize yaxoshwa emsebenzini eSuperSport ngenxa yokuthi iveze obala izehlakalo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngokocansi. Sengathi lokhu akwehlanga kahle kubaphathi beSuperSport okusolakala ukuthi yibo abahlukumeza abantu besifazane.
UMarawa washiya kwaMetro FM ngo-2017 ngazo izinsolo zokuthi wayemele omunye wesifazane owayemisiwe.
Ngiyacela nje nohulumeni ake akubheke ngeso elibanzi lokhu ngoba kuyenzeka eminyagweni yakhe eyehlukene nasezinkampanini ezizimele.
Baningi abantu besifazane abaxoshiwe ezindaweni eziningi ezehlukene abanye bangawuthola umsebenzi obekumele ngabe bawutholile ngezimfanelo abanazo zemfundo. Icala labo kuba wukuthi kabahambisananga nezinkanuko izikhulu ebezihlose ukubaholela kuzo.
Thulani Mkhwanazi