MHLELI: Ngithi angicele isikhala ngiphawule ngomyalezo wemenenja yoMkhandlu weTheku kwiSolezwe langoFebhuwari 14 mayelana nokwakhiwa kwemijondolo emhlabeni kaMasipala weTheku.
UMnuz Nzuza ngiyavumelana naye uma ethi kusuka ngo-1994 umkhandlu sewakhe izindlu eziningi eThekwini noma ke ngingeqinise ngesibalo asishoyo sezindlu asebezakhile kodwa kukhona lapho engidideka khona. Angiqondi kahle uma ethi kunezinhlangano zomphakathi nezepolitiki ezibhebhezela abantu ukuthi badle umhlaba kamasipala.
Empeleni imenenja ithi kunomthetho i-Occupation of Land Act 19 ka1998 ovimba ukudliwa komhlaba kamasipala ngokungemthetho. Nginenkinga yokuthi lo mthetho usebenza nini, kobani futhi kanjani?
Lapha nje eLamontville sibone ngaphesheya komfula uMlazi kuvumbuka imijondolo yaqanjwa negama kwathiwa yiMegavillage. Ilapha ku-Ward 74. Sithe sisabheke labo nogada bakhe ukuthi bazofika badilize njengoba esho sabona wona belu umkhandlu usubafakela amanzi nogesi. Saxakeka sikhumbula lo mthetho akhuluma ngawo. Baba uNzuza ngabe bona babebhebhezelwa wubani?
Yebo umthetho niyawuqinisa akuphikiwe. Kodwa umbuzo uthi la madoda eqembu elibusayo adla izindlu esezakhiwe zomxhaso niwabopha nini njengoba usipha izibalo zesenibabophele ukudla umhlaba kamasipala? Ungasisiza usiphe leso sibalo senibabophile noma ke asebevele besezikhindini njengoba kade la madoda awuqala lo mkhuba? Ngabe isandla somkhandlu wakho siqine nganxanye, kukhona abavunyelwa ukuphula umthetho?
Okunye futhi kunabantu abaningi abahlala emijondolo engemuva kwezindlu zasemakubo emalokishini umkhandlu wakho ongenandaba nabo noma bekhala kangakanani. Bona bakhelwa nini izindlu?
ELamontville