MHLELI: Into engikhuphulela ushulela wami yilo mkhuba wabantu baseMzansi. Kanti ngempela kwakhala nyonini ezingqondweni zethu? Kwenziwa yini singafundi emaphutheni esiwenzile phambilini? Ukuthanda izinto okwakwenzenjani lokhu okuze kusivale nengqondo?
Kukangaki siwakwa abantu, ikakhulukazi bakwamanye amazwe? Futhi angibasoli njengoba besitshela ukuthi siyiziwula.
Kuke kwafika umuntu noma kwezwakala ukuthi kunomshumayeli ndawana thize siyabhuza siye khona. Kwafika into noma umuntu wathi ukwazi ukukwandisela imali yakho, sibhuza siye khona.
Ake ngikuyeke nje okuningi. Okudala ukuthi ngikhulume ngokusha kwalo muntu ozibiza ngomphrofethi uSheperd Bhushiri (osesithombeni). Lo muntu abamfuni ezweni lakhe eMalawi ngenxa yemisebenzi yakhe emimbi kodwa lana uyinkosi.
Ake uzibuze umbuzo wokuqala othi yini indaba angasebenzi ngakubo lo muntu? Impendulo isobala. Yaziwa e-Afrika yonkana. Eyokuthi eMzansi kugcwele othathekile, nomthetho awukho, yingakho noma ubani ocabanga ukwenza imali kuleli zwekazi lase-Afrika eyaye abone kuyila eMzansi lapho engenza khona imali. Ngeke ubabone beya kulawa amanye amazwe alana ngoba akubhediwe khona. . UBhushiri bathi abamfuni nokumbona eMalawi, lana baze bamtoyitoyele.
Ngicabanga ukuthi saqalekiswa ngokuba othathekile njengoba sesingasawafuni namasiko ethu agcina okhokho bethu kwaze kwagcina kuqhamuke thina kodwa sesiwabukela phansi. ,
Ngicela wazi ukuthi uma ubukela phansi isiko lakho uzibukela phansi wena uqobo ngoba ukuba lalingekho isiko ngabe nawe awukho. Okufike kube kubi kakhulu ukuthi wena uzoliyeka usiko ungabi nalutho ngoba abangaphambili babelwenza. Abantu okuyobabhedela yisizukulwane sakho. Siyaye sibezwe sebethi mina ngikhule ekhaya zingenziwa lezi zinto. Saze saqalekiswa emhlabeni ngokuba othathekile!
A D Nhlangulela
eMlaza