KULA masonto ambalwa edlule kuphinde kwaqubuka udlame phakathi kwabaseNingizimu Afrika nalabo abaqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika.
Lolu dlame belubhekiswe kwabokufika abanezitolo emalokishini. Lube mandla ngesonto eledlule ikakhulukazi eSoweto njengoba kugcine kuphume izidumbu ezintathu.
Abashonile bafe odlameni olubhedukile kuleli lokishi laseGoli lapho abantu bebekhala ngokuthi abokufika bashibhisa izimpahla abazithengisayo ngoba bedayisa izimpahla esezonakele futhi ezingumkokotelo.
Kwenzeka lokhu nje eSoweto, ngoLwesihlanu olwedlule kushiswe isitolo sowokufika eNewlands, eThekwini elele ngaphakathi kusona. Kukhona abakwazile ukumsiza bamkhipha esitolo ebesikhiyiwe kanti kumanje usesibhedlela.
NgoLwesine olwedlule, uMnuz John Ashtal wahlaselwa amadoda ayehlomile agqekeza isitolo sakhe KwaDabeka amphuca imali nogwayi.
Sekuvamile ukuthi kuhlale kuhlale kuhlaselwe abokufika kuleli besolwa ngayo yonke inhlobo yobugebengu nokuyinto ephehla udlame futhi ebeka ubudlelwane beNingizimu Afrika nomakhelwane bayo engcupheni. Izimpahla ezonakele ikakhulukazi eziwukudla akufanele zidayiselwe abantu ngoba lokho kubeka impilo yabakuthengayo engozini ngoba kungabagulisa.
Kodwa njengoba noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, asho emasontweni amabili edlule, ngesikhathi ehambela izitolo ezahlukene edolobheni, akuzona izitolo zabokufika kuphela ezinezimpahla eseziphelelwe yisikhathi, zikhona nezabakuleli.
Ngisho ngabe kuthiwa bekuyiqiniso ukuthi ngezabokufika kuphela kodwa lokho akusho ukuthi yinto okumele ilungiswe ngodlame leyo. Ziyadinga ukuphenywa izinsolo zobugebengu ezimataniswa nabokufika futhi lapho kunobufakazi, kushushiswe hhayi ukuthi abantu bazijezisele ngokwabo.
Ubulwane ukushisa isitolo kunomuntu okhiyelwe ngamabomu. Yimbi le nto eyenziwe futhi iwukucwasa okungamukelekile. Uhulumeni uba nezigcawu zokudingida ngalolu dlame kodwa manje sekudingeka okungaphezu kwalokho ngoba ngelinye ilanga kuyobheduka impi okungeyuba lula ukuyinqanda.