Mhleli: Kwelakho langeSabatha siyakhuleka. Uyanda umkhuba owenyanyekayo wokuthi izingane zesikole zibulalane esikoleni.
Udlame olukhona ezikoleni akuyona neze inkinga yesikole. Inkinga ekhona ngukuthi udlame olukhona emphakathini lukapakela ezikoleni. Izikole azizona iziqhingi, ngakho ngeke udlame lwezikole luxazululwe ngongqongqoshe bezemfundo.
Bangashabasheka benze lokho okusemandleni abo kodwa ekugcineni udlame lwasezikoleni kumele luqedwe emakhaya.
Kanjani na? Ingane ekhuliswe ngobuqotho ekhaya ngeke ifike esikoleni igwaze abanye abafundi noma ibashaye, ngaphandle uma kuwukuthi yinto ehlezi iyibona yenziwa ekhaya lapho udlame seluphendulwe indlela yokuphila.
Uma kungalungiswa amakhaya kuyekwe udlame, izingane zizoyeka ukuziphatha kanje ezikoleni.
Ubudlwembe buqala emakhaya busabalale nezikole njalo njalo. Akulungiswe amakhaya, ngeke kube khona dlame esikoleni.
Mzamo Mthembu
ETHEKWINI