MHLELI: Kwelakho ngicela ukuloba mayelana nodaba oluseyinzukazikeyi lokushona kowayengonozinti wePirates neBafana Bafana namanje okungakaboshwa muntu ngokufa kwakhe.
Cha mina angisoli muntu namaphoyisa ngeke ngithi ayahluleka kodwa ngithi umuntu owabulala uSenzo kukancane ephumelela empilweni. Uyafana nomuntu ofe ehamba nje ngoba uyabona ukuthi isenzo sakhe sinamthelela muni eNingizimu Afrika.
Ngokwami ngabe kungcono kakhulu ukube uvele azinikele emaphoyiseni ukuze kuphele ukuqagela nokusola abantu. Naye mhlawumbe angakhululeka emoyeni uma kungukuthi usewumuntu ophilayo hhayi isilwane esingazi nanyaka nje.
Baningi abantu abafuna iqiniso, baningi abantu abahamba beqalaza ngenxa yokusolwa ngokufa kukaSenzo. Ngisho nawe mbulali angiboni ukuthi ubuthongo buyehla kuwe njengoba sekuze kwashona nomuntu omdala ebalisa efuna ukwazi iqiniso ngokubulawa kwendodana yakhe.
Kuhle uziveze ugwetshwe kube kanye ngoba baningi abasazoshona ngenxa yakho bebulawa wukhwantalala. Uyothini kuMdali ngomhla wokuphela kwezinsuku zakho? Sonke isizwe siyathandaza, sithandazela ukuthi ubanjwe. Usho ukuthi uyohlala uphunyuka ingunaphakade?
Ngicela ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMeyiwa sonke siyabuzwa ubuhlungu ngokushona komuntu omdala ngenxa yokulangazelela ukwazi iqiniso. Bekani ithemba lenu kuMdali ukuthi ngelinye ilanga iqiniso liyovela ngoba akukho qili lazikhotha emhlane. Liyoba linye elombulali futhi icala lakhe liyobe seliphindwe kazinkulungwane. Siyakhuleka sonke ezweni sifisa abanjwe umbulali.
Thanda Mnikaziwempuphu
KwesakwaMthethwa