MHLELI: Ngiwumhlali waseHarding ekumasipala uMuziwabantu, sihlale singenawo amanzi eMkangala ku-ward 2.
Bebezithulele, manje sebesitshela ukuthi amanzi azophela ngenxa yesomiso ngoba esephelele abantu baKwaMachi nabasedolobheni bona abahlala nemeya.
Thina savalelwa amanzi eminyakeni emihlanu edlule. Ngifisa uhulumeni wesifundazwe ake azosibheka afike ngemoto khona ezozwa nomgwaqo ukuthi ukulungele yini ukusetshenziswa abantu abaphilayo. Sengathi uma ezofika angazumisa ngoba lezi zonakali ezihola lo masipala zingasukuma zilungise uma kuzofika izikhulu zikahulumeni. Sekunzima nokujabulela ukuvota ngoba kunakwa abantu ababodwa thina asinakiwe.
Nkashankasha Vumani Mkhungo
eHarding